Uhlalele ovalweni usomabhizinisi oqokelwe kweleNgonyama Trust

Lubhawe nguCelani Sikhakhane

Uhlalele ovalweni usomabhizinisi waseMpumalanga, uMnu Jacob Mnisi osolwa ngokulawula iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini ukuze athole ilayisensi yokumba umhlabathi weNgonyama Trust.

Lokhu kuvele ngemuva kokuthi uSolwazi uMusa Xulu  enxuse isizwe samaZulu ukuthi sibumbane sihlasele uMnisi ngezindlela eziningi ukuze kunqandwe izinhlelo zakhe zokuthatha iNgonyama Trust.

UMnisi usephendulwe isitha sesizwe samaZulu nguNdunankulu kaZulu uMntwana uMangosuthu Buthelezi ngemuva kokuthi uButhelezi eveze ukuthi uMnisi ubambe ngamankwahla iSilo samaBandla. 

UMnisi uvulele uXulu wenhlangano Indonsa YeSizwe Cultural Group icala lokusabisa esiteshini samaphoyisa eMalahleni Central.

Usola uXulu ngokumqhatha namabutho kaZulu.

“Lokhu kungemuva kokuba ngithole ukusongelwa ngempilo yami okubhalwe nguMnu Musa Xulu futhi kwasatshalaliswa nasezinkundleni zokuxhumana ezahlukene okukhona kuzo namabutho,” kusho uMnisi.

Uveze ukuthi uXulu ufuna ahlaselwe ngoba emsola ngokuqola umhlaba kaZulu. 

Uthe uyesaba ukuhamba noma ikuphi kuleli ngoba angase abulawe ngamaZulu.

I-Scrolla.Africa siyibonile imiyalezo kaXulu.

UXulu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi banezingxoxo ezijulile ngoMnisi kwiNdonsa YeSizwe.

“UMnisi udelela isizwe samaZulu uthe siyavilapha yingakho sihlupheka, kodwa sinomhlaba omkhulu. Uze wathi singaboHlanga. Thina bantu bakwaZulu sinomusa nothando, kodwa wathinta umhlaba wethu usuke usuqale impi.

“Ukwenzile lokho uMnisi. Uzama ngisho ukubamba iNgonyama Trust ngokuphusha amanxusa akhe ukuthi ahole ibhodi ukuze akwazi ukungena ezimayini nasemhlabeni wethu,” kusho uXulu.

Uthe noma beboshiwe abanandaba ngoba amaZulu azokwenza noma yini ukuvikela umhlaba wawo noma ngabe kusho ukuthi kufanele bafe.

UMnisi uhlaselwe kusukela iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini eqalile ukwenza izinguquko ebhodini leNgonyama Trust.

Usolwa nguButhelezi ngokuzungeza iSilo ngabesifazane abangaziphethe kahle.

Ngesikhathi kuqhubeka umkhuleko weBandla lamaWeseli ebhilidini lesiShayamthetho elidala oLundi, uButhelezi utshele abazalwane ukuthi kunowesifazane ogama lakhe nguMaNdwandwe ongavumeli muntu ukuthi asondele kwiSilo engazange adlule kuye kuqala.

UButhulezi usola ukuthi uMaNdwandwe usetshenziswa nguMnisi.

Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga, uColonel Donald Mdluli uthe ngeke akwazi ukuphawula ngoba kumele kubhekwe icala kanye nesimo sophenyo kuqala.

Isithombe esingenhla: Usomabhizinisi waseMpumalanga uJacob Mnisi

Umthombo wesithombe: I-Facebook

Izihloko zakamuva