Uhlalele ovalweni unina wengane (9) ekhulelwe

Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi

Umama wentombazanyana (9) ekhulelwe yase-Zimbabwe uthi ucashile ngemuva kokuthola izinsongo ezivela kozibiza ngomphrofethi kanti lo mama uthi nguyena okhuthaze ukudlwengulwa kwendodakazi yakhe.

Umama ucashe endlini ephephile kanti intombazanyana engakadalulwa igama igadiwe esibhedlela.

Kuze kube manje le ntombazanyana ayazi ukuthi ikhulelwe.

“Kubuhlungu kimina ngoba ulokhu ebuza ukuthi isisu sakhe esikhukhumele sizobohla nini ngoba usekhathele ukugula. Ngizoyichazela kanjani ingane yami ukuthi izoba nengane?” kubuza unina.

Uyise wengane uboshwe ngesonto eledlule ngezinsolo zokudlwengula indodakazi yakhe. Kuthiwa uyalelwe ngumphrofethi, naye elingakadalulwa igama lakhe ukuthi adlwengule indodakazi yakhe ukuze ageze amabhadi akhe.

Ngesikhathi umama ethola ukuthi umyeni wakhe wenzeni uye wabikela amaphoyisa.

“Ngesikhathi lo mphrofethi ezwa ukuthi umyeni wami uboshiwe nokuthi ngitshele amapholisa ukuthi ubelokhu engitshela ukuthi ingane yethu iloyiwe, uye weza ekhaya lami e-Tsholotsho,” kusho lo mama etshela i-Scrolla.Africa esendaweni acashe kuyo.

Uthe umphrofethi uye wamsabisa, wamxwayisa ngokuthi uma engathinteka ecaleni lokudlwengulwa nokunukubezwa kwengane uzoqinisekisa ukuthi umama nengane abaphinde babonakale.

“Ubuye wathi unamandla okungenza ngilahlekelwe umqondo ngakho ngiye ngambika emaphoyiseni. Ngizoqhubeka nokulwela indodakazi yami,” esho.

Uthe uhlala ngokwesaba ngoba nomndeni womyeni wakhe usola yena ngezinsolo zokuhlukumeza.

“Umndeni kamyeni wami uthi yimina onecala futhi uma indodana yabo igwetshwa, bayokwenza impilo yami ibe nzima,” esho.

Lezi zinsongo zisabise ingane kanti namanje ayikaphumeli obala ngokwenzekile.

Ngokusho kukanina, intombazanyana ithi ibivakashelwa izinyoka nemikhovu ebilala nayo uma unina engekho noma isele noyise.

Umama wentombazanyana uthe inhliziyo yakhe iphukile.

“Bengijwayele ukushiya indodakazi yethu naye futhi angikaze ngisole ukuthi engenza into enyanyeka kangaka. Ngiyakhumbula ukuthi wangitshela ukuthi ingane iloyiwe nokuthi kumele iyobona umphrofethi naye owayezokweseka lokho akushoyo,” esho.

Okhulumela amaphoyisa ase-Matabeleland North Zimbabwe u-Inspector Glory Banda, uthe kuvulwe icala lokusabisa e-Tsholotsho wathi kuyaphenywa.

Esithombeni ngenhla: Intombazanyana (9) ekhulelwe

Umthombo wesithombe: Unikeziwe

Izihloko zakamuva