Uhlalele ovalweni umphakathi wase-Westbury ngezigameko zokubulala

Lubhalwe nguMashudu Mabila

Kudutshulwe kwabulawa umfundi oneminyaka engu-18 ngoMsombuluko ekuseni endaweni engaphansi kwe-Westbury eGoli. 

Lo wesilisa usephenduke isisulu sesishiyagalolunye kule ndawo emahoreni angu-24 edlule.

Lo wesilisa uphuthunyiswe esibhedlela ngamalungu omphakathi ukuze alashelwe amanxeba amaningi okudutshulwa. 

Uqinisekiswe njengomfundi wasesikoleni samabanga aphezulu e-Coronationville.

Ngokwemibiko izigameko zokudubula kule ndawo kukholakala ukuthi zihlobene namaqembu ezigelekeqe kulandela ukubulawa komsolwa obengumholi weqembu lezigelekeqe ngoLwesine.

Okhulumela amaphoyisa ase-Sophiatown uKaputeni TJ de Bruyn, ukuqinisekisile ukuthi kubantu abayisishiyagalolunye abadutshuliwe oyedwa ushonile.

Amanye amalungu omphakathi acele ukungadalulwa amagama azwakalise ukukhathazeka kwawo ngamaphoyisa endawo, abike izinsolo zenkohlakalo nobudlelwano nabaholi bamaqembu ezigelekeqe endaweni.

Noma kunjalo izakhamuzi zase-Westbury zinxuse i-SAPS ukuthi iqinise ukubonakala kwabo endaweni njengoba bezizwa njengeziboshwa ngoba kufanele bahlale ezindlini ubusuku nemini ukuze bagweme ukulimala.

UMkhuzi wesiteshi samaphoyisa e-Sophiatown, uBrigadier Alfred Ndebele uthe abantu abaphumi nemininingwane engasiza ekutheni kubanjwe abasolwa.

Unxuse abanolwazi ukuthi babike esiteshini samaphoyisa noma banikeze ulwazi ngqo kwa-SAPS esifundazweni uma besaba ukubika esiteshini.

Isithombe esingenhla: Itheyiphu yamaphoyisa

Umthombo Wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva