Uhlalele ovalweni umphakathi wase-Makhado njengoba isikhathi sezimvula sisondela

Elmon Tshikhudo

Ezinyangeni eziyisikhombisa ngemuva kokuba isiphepho u-Eloise sihlasele esifundeni sase-Vhembe e-Limpopo, amabhuloho ayisithupha akhukhuleka awakalungiswa namanje.

Abahlali bebelinde ukuthi kulungiswe amabhuloho aku-Ward 3 kuMasipala wase-Makhado, kodwa akukho lutho olwenzekile.

Njengoba isikhathi semvula sizoqala ezinyangeni ezimbalwa, abahlali bathukile ukuthi bazophinde basale dengwane.

Amalungu omphakathi, angakwazi ukukhokhela izithuthi zokuhamba, nawo ngeke akwazi ukuwela imifula ngezinyawo.

UConstance Magoro wasesigodini sase-Mutsha uthe ibhuloho elikhulu e-Buvhebvu Dambavhusha yilona kuphela elibaxhumanisa nezikole ezimbili, ihholo lomphakathi, amathuna kanye nomtholampilo wendawo.

“Sizophoqeleka ukuhamba amakhilomitha amaningi ukufinyelela kulezi zinsiza futhi kumele sikhokhe imali ethe xaxa yokuhamba,” esho.

“Sikhathazekile ngokuthi imvula iyeza futhi izimpilo zezingane zethu zizoba sengozini.”

Ikhansela lewadi u-Saddam Masutha uthe: “Ewadini yami kunamabhuloho ayisithupha adinga ukulungiswa. Ukuqubuka kokhuvethe kumise imisebenzi yethu eminingi futhi asinaso isiqiniseko sokuthi amabhuloho azolungiswa nini.”

Akakwazanga ukunika isikhathi, ngaphandle kokuthi nje izikhulu zikamasipala zivakashele le wadi ukuzohlola umonakalo.

Izihloko zakamuva