Uhlalele ovalweni umphakathi ohlaselwa izingwenya

Elmon Tshikhudo

Izingwenya zilimaza abantu esigodini sase-Tshifudi e-Gota – kanti izakhamuzi ezimbili ezihlala-emakhaya zilahlekile emfuleni ogcwele izingwenya.

Ekuqaleni kwempelasonto umdobi obeneminyaka engu-34 ubudala, uFhulufhuwani Munzhelele, wahlaselwa wabulawa ingwenya ngesikhathi edoba emfuleni wendawo i-Luvuvhu ngaphandle kwase-Thohoyandou e-Limpopo.

Kwalandela omunye wamalungu omphakathi uThompho Nemushungwa obeneminyaka engu-33 obesiza ophikweni lokuthungatha, wahlaselwa ingwenya naye wacwila emfuleni ojulile. Awukho umzimba osatholakele.

UMunzhelele uhlaselwe ingwenya ngoLwesibili ntambama ngesikhathi ekhipha amanethi akhe emfuleni.

Ngokushesha ngemuva kokuhlaselwa izakhamuzi zihambe ngobuningi bazo zaya emfuleni zabuka abatshuzi bamaphoyisa befuna isidumbu sakhe emfuleni kodwa babuya belambatha.

Ngokuphoxwa ukuthi umzimba awutholakali, abangani bakhe balethe izikebhe zabo ezincane ukuze bazogwedla emfuleni ogcwele izingwenya.

INduna yendawo uCollen Mashau ofike endaweni yesigameko ukuqinisekisile ukuthi uNemushungwa uhlaselwe ingwenya ngesikhathi esiza ekuthungatheni.

“Kuke kwaba nezigameko lapho abantu bedliwa izingwenya ezigodini eziseduze kodwa asikaze sikubone lokhu.

“Lokhu kubi kakhulu. Isidumbu sisekhona ndawana thize emanzini kanti esinye sikhishiwe. Lokhu kuyadabukisa futhi sisosizini olukhulu,” kuchaza iNduna.

“Iningi labantu balapha alisebenzi kanti ukudoba kuyindlela yokuphuma osizini nendlala.

“Siyazi ukuthi kuyingozi ukuya kulo mfula kodwa ngeke sibavimbe singenayo enye indlela yokuthi banakekele imindeni yabo. Okwenzekile manje kungaphezu kwamandla,” kusho iNduna.

Umfowabo omncane wesisulu sokuqala uHumbelani Malala uthe umfowabo wayengumzingeli nomdobi owaziwayo futhi enamakhasimende amaningi endaweni.

“Lokhu kungaphezu kwamandla omndeni futhi asazi nokuthi ubani ozonakekela unkosikazi wakhe okhulelwe kanye nezingane zakhe ezintathu,” kuchaza umfowabo.

Amaphoyisa abatshuzi kanye nezikhulu zokongiwa kwemvelo basasendaweni yesigameko babheka umzimba.

Izihloko zakamuva