Uhlalele ovalweni umphakathi ngodlame olungase luqubuke oLundi 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Uhlalele ovalweni umphakathi waseMahlabathini oLundi, enyakatho neKwaZulu-Natal kulandela isigameko esenziwe iNkosi yendawo edubule yabulala umakhelwane wayo obehambele umcimbi endaweni yeNkosi.

Le ndawo eyake yaba nokuthula isiphenduke indawo enodlame nokuchitheka kwegazi eliningi eminyakeni edlule ngesikhathi kuqala ingxabano phakathi kwesizwe sakwaZungu nesakwaMlaba kubangwa ukulawulwa kweqembu i-Zululand Anthracite Colliery elaziwa ngokuthi Ukhukho.

I-Scrolla.Africa ithole ngamalungu omphakathi ukuthi ukubulawa kukaPhakamani Dubazane (35), kubenza bangalali ngenxa yokuthi umndeni wakhe uthukuthele futhi wenqaba ukuhlehla.

UDubazane udutshulwe ngoMgqibelo ehambele umcimbi wezintombi endaweni yeNkosi yendawo.

Ubehambele umcimbi wasemaphandleni wokunikela ngezipho eNkosini.

Umcimbi wenjabulo uphele ngezinyembezi ngesikhathi kuqubuka ingxabano eholele ekutheni iNkosi idubule uDubazane.

UDubazane uphuthunyiswe esibhedlela eNgwelezane, kodwa washona ngoMsombuluko.

INkosi igama layo elaziwa i-Scrolla.Africa kodwa elingakadalulwa, ibingakaboshwa.

“Siyesaba ngoba le ndawo yaziwa ngodlame, umndeni kaDubazana ugcwele abesilisa abangathathi mbudane baze bajikisa ithimba leNkosi elifike no-R10 000 lizoxolisa futhi bebedinwe begane unwabu,” kusho umthombo.

Ilungu lomndeni wakwaDubazane elingathandanga ukudalulwa ngenxa yezokuphepha, lithe uyise udinwe ugane unwabu futhi usetshele izithunywa zeNkosi ukuthi kumele zimyeke alungiselele umngcwabo wendodana yakhe.

Le ndawo yaziwa nangokuthi isizinda sezibhamu nezigebengu, okwenza umphakathi ukhathazeke kakhulu. Udlame lwamatekisi luyinsakavukela umchilo wesidwaba kule ndawo futhi luhambisana nombango wokulawulwa kwemayini yasoKhukho.

“Angifuni ukuthi igama lami lishicilelwe ngoba ngingase ngibulawe noma yinini.

Engingakusho ukuthi sicasulwa kakhulu ukuthi iNkosi ayikakoboshwa.”

“Kubuhlungu kakhulu kithina ngoba waya khona eyobona intombazane ngaphandle kodlame, kodwa waba neshwa lokudutshulwa.”

Okhulumela amaphoyisa uConstable Thenjiwe Ngcobo ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala, kodwa wathi akukaboshwa muntu.

Isithombe esingenhla: UPhakamani Dubazane, okusolwa ukuthi udutshulwe iNkosi yendawo washonela esibhedlela saseNgwelezane ngoMsombuluko

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva