Uhlalele ovalweni umphakathi ngobugebengu obudlangile

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Ilokishi laKwanobuhle e-Kariega, e-Eastern Cape lihamba phambili ngokubulawa kwabantu e-Nelson Mandela Bay njengoba kushone abantu abayishumi nanye kwalimala abane emasontweni amabili nje vo.

Emasontweni amabili adlule kwadutshulwa kwabulawa abantu abayisishiyagalolunye ezindaweni ezahlukene esikhathini esingangesigamu sehora ngabesilisa abahlanu ababehlomile futhi bezifihle ubuso. Kubikwa ukuthi baphume emotweni bavulela ngenhlamvu bebhekise kubantu abebehleli ezimotweni zabo. Abasolwa abahlanu baboshwa ngemuva kosuku.

NgoLwesibili ngosuku olwandulela usuku okuyilapho abesilisa abahlanu abebesolwa ngokubulala abantu abayisishiyagalolunye bebezovela eNkantolo yeMantshi yase-Kariega, abantu ababili badutshulwe babulawa ngendlela efanayo.

Abanye abathathu abalimele okuhlanganisa nosemncane babe nenhlanhla basinda ngemuva kokudutshulwa.

Esigamekweni sakamuva sokudubulana kuthiwa abesilisa ababili abebezifihle ubuso bavulele ngenhlamvu bebhekise kuhlobo lwemoto i-Mazda 323  ebiyehlisa abantu emgwaqeni kwa-Mqhaba ngezithuba zabo-3.15 ngoLwesibili ntambama, ngokusho kwamaphoyisa.

“Abagibeli ababili bashonile ngesikhathi bedutshulwa,” kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Priscilla Naidu.

Umshayeli (24) nabagibeli besifazane ababili okuhlanganisa nosemncane bakwazile ukubaleka.

Ngokusho kwamaphoyisa owesifazane (31) udutshulwe ezinqeni kanti ingane (14) ilimale emhlane ngesikhathi umshayeli edutshulwa ozwaneni.

Bonke baphuthunyiswe esibhedlela kanti imbangela yokudubula kwangoLwesibili ibingakaziwa futhi akukaboshwa muntu.

Izakhamuzi ezisondelene nalo mgwaqo e-Mqhaba okwenzeke khona isigameko zithi zisashaqekile ngezikubonile. UTata Sam Gana (76) uthe iKwanobuhle ayikaze ibe indawo enodlame ngalolu hlobo manje usesaba ngisho nokuphuma emzini wakhe.

“Kudala indawo iKwanobuhle kwakuyindawo enokuthula abantu bephilisana. Ngisaba ngisho nokuhamba ngiyolanda imali yami yempesheni ngoba kungenzeka ukuthi okokugcina ngiyilanda.” 

Uthe esinye isakhamuzi uSivuyise Williams uzwile amahlebezi angaqinisekiswanga ukuthi lokhu kungahle kuhlobene nezingxabano ezikhona embonini yabashayeli bamatekisi.

“Ngizwile ukuthi lokhu kungenzeka kuhlobene nezingxabano zabashayeli bamatekisi,” kusho yena.

Nokho usoseshini wamatekisi Kwanobuhle jikeleza uziphikile lezi zinsolo wathi azihlangene nokubulawa kwabantu.

“Asihlangene nakancane nokudubulana, futhi akukho ngxabano,” kusho uZandisile Mfene iPhini likaMengameli wososeshini.

Amakhansela esigceme saKwanobuhle nawo awazange atholakale ukuthi aphawule njengoba ebevaleleke emhlanganweni ngenhloso yokuthola isixazululo salesi sihlava sodlame.

Izihloko zakamuva