Elmon Tshikhudo
Kuthiwa wadlwengula intombazane wayisabisa ngokuyithumela kude nasekhaya uma ingatshela umuntu.
Ngesikhathi umndeni wakhe uthola lolu daba, lo mlisa wabatshela ukuthi bengalibiki icala emaphoyiseni, uma beke nje balibika uzobabulala bonke.
Kodwa umama wesisulu esineminyaka eyi-11 ubudala wase-Vuwani e-Makhado, wazise amaphoyisa kwavulwa icala.
Umsolwa njengamanje unyamalele kanti umndeni usaba ukuthi uzobuya azobaqedela njengoba ethembisile.
Ngokusho kuka-Awelani Makongoa, we-Go Getters Youth Against Crime obekhulumela umndeni uthe, izehlakalo zokudlwengulwa zenzeke ngezikhathi ezehlukene.
Uthe usizi lwentombazane luqale ngoNhlolanja wakulonyaka, lapho umsolwa ongumakhelwane womndeni athuma le ntombazanyane esitolo esiseduzane ukuyothenga iphakethe lesobho kwathi ekubuyeni kwakhe wasatshiswa ngommese nokusolwa ukuthi wadlwengulwa.
“Watshelwa ukuthi makathule noma uzoyiswa eKapa lapho engeke akwazi khona ukubona umndeni wakhe uma wake wathi vu ngokwenzekile,” kusho uMakongoa.
Kube ngesikhathi sesigameko sesibili lapho aphinde athunyelwa esitolo yilo mlisa ophinde wamdlwengula, okuyilapho umama abona khona ukuthi kukhona okushaya amanzi.
Le ntombazane ibinemihuzuko ezithweni zayo zangasese – kanti ngemuva kokuthunyelwa kwayo kudokotela yathulula isifuba kunina nodokotela mayelana nokudlwengulwa.
Uthe umndeni unengcindezi futhi uhlala ngokwesaba.
“Njengamanje sebehlalele ovalweni kodwa futhi siqaphile njengomphakathi futhi siyathemba ukuthi uzoboshwa ngaphambi kokuba enze okubi emndenini, ngoba ubesebafake ebunzimeni obuningi nendodakazi yabo,” kusho uMakongoa.
Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo usiqinisekisile lesi sigameko futhi wanxusa umphakathi ukuthi uthole umuntu obizwa ngoBelamine noma u-Eshrom okukholelwa ukuthi angaba wusizo ekuxazululeni leli cala.
“Amaphoyisa acela umuntu obizwa ngoBelamine noma u-Eshrom ukuthi aziyele esiteshini samaphoyisa esiseduze ngoba kukholakala ukuthi angakwazi ukusiza ekuphenyweni okuqhubekayo. Futhi noma ngubani onolwazi uyacelwa ukuba athinte umphenyi wecala uSayitsheni uMashudu Lusunzi ku-079 891 1199 noma ulayini we-Crime stop 0860010111,” esho.