Uhlalele ovalweni ohlukunyezwa ngowayeyisoka lakhe

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Owesifazane (27) wase-Hermanus e-Western Cape uhlalele ovalweni ngemuva kokuhlaselwa kabuhlungu ngowayeyisoka lakhe ophinde abe ubaba wengane yakhe. Umshaye ngebhodlela le-Savannah.

UNadia Konstabel owaqala ukuthandana nobaba wengane yakhe ngo-2016 uveze ukuthi ubudlelwano babo bebukhungethwe ukuhlukumeza selokhu baqala.

“Waqala ukungihlukumeza emoyeni nasemzimbeni futhi wayengishaya ngawo lowo nyaka esahlangana ngawo. Akazethembi futhi wayengisola ngezinto engingakaze ngizenze,” kusho uNadia.

Naphezu kwezinselelo, uNadia waqhubeka ukuthandana nobaba wengane yakhe. Kodwa-ke ngo-2019 wathola isibindi sokuqeda ubedlelwano ngethemba lokuthi ukuhlukunyezwa kuzophela.

Kodwa-ke, okubi ukuthi owayeyisoka lakhe waqhubeka nokumhlukumeza.

“Ngangingasakwazi ukubekezelela ukuhlukunyezwa ngakho ngo-2019 nganquma ukuqeda ubudlelwano ngicabanga ukuthi ngizokhululeka kodwa akuzange kube njalo ngoba ubesaqhubeka nokungishaya,” kwengeza uNadia

Isigameko sakamuva sokuhlasela ngesihluku esenzeke e-Verona Lounge e-Hermanus, sishiye uNadia engena mazinyo amabili, ephuke ikhala, elimele kabuhlungu emilenzeni.

“Ngelanga angihlasele ngalo ngebhodlela le-Savannah uthe ingane akuyona eyakhe ngathi ngiyajabula ukuthi uyise wayo ushonile. Uye wacasuka, wahamba, wabuya nomunye umuntu owamtshela ukuthi angibize.

“Ngesikhathi ngiphumela ngaphandle akazange akhulume nami kodwa uye waqala ukungishaya ngempama nangesibhakela waphinde wangikhahlela. Ngimbone engishaya ngebhodlela le-Savannah ngase ngiqala ukopha kakhulu.”

Manje uNadia usabela impilo yakhe njengoba ethole imilayezo emsabisayo evela kulowo owayeyisoka lakhe. Naphezu kokuhlukana naye ukuhlukunyezwa okungapheli nezinsongo kumshiye ezizwa engaphephile futhi ethukile.

“Angazi ukuthi ufunani kimina ngoba sahlukana kudala. Angakaze ngicabange ukuthi ngisazohlukunyezwa ngisho sengimalile. Udinga ukuhlala ejele kungenjalo impilo yami isengcupheni,” kusho uNadia ophelelwe ithemba.

Ufisa sengathi ngabe washeshe wamshiya futhi uphinde wanxusa nabanye besifazane ababhekene nezimo ezifanayo ukuthi baqede ubudlelwano obuhlukumezayo.

“Ngandlela thize wonke umhlukumezi kufanele akhokhele izenzo zakhe. Ngithanda ukukhuthaza abantu besifazane abazithola bekulesi simo ukuthi bashiye noma yibuphi ubudlelwano obungekho ezingeni labo futhi bangalokothi babekezele,” esho.

Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS e-Western Cape uKaputeni FC Van Wyk uthe kuvulwe icala lokushaya ngenhloso yokulimaza ukuze kuphenywe.

Umsolwa (27) uboshiwe kanti uzovela enkantolo maduze.

Esithombeni esigenhla: Ukuhlaselwa kwakamuva kukaNadia Konstabel kumshiye ephuke ikhala ephume namazinyo.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva