Uhlale obala umpetha kwi-Canadian Grand Prix

Dylan Bettencourt

UMax Verstappen ubambe iqhaza elikhulu ukudlula uCarlos Sainz wakwazi ukuwina i-Canadian Grand Prix.

Impi phakathi kwe-Red Bull ne-Ferrari iqhubekile e-Montreal ngesikhathi iqembu lase-Italy selidinga ukuphindela emuva ngemuva kokuthi zombili lezi zimoto zihlulekile ukuqeda e-Azerbaijan kwi-Grand Prix yokugcina.

Kodwa i-Red Bull iye emjahweni wangeSonto ngenzuzo. UVerstappen ubehamba phambili njengoba uCharles Leclerc ubeqale eku-19 ngemuva kokuthola inhlawulo ye-gridi ngokufaka iyunithi entsha yamandla.

Nokho i-Ferrari ibizozizwa inenhlanhla ngasohlangothini lwabo ngesikhathi uSergio Perez we-Red Bull sekufanele ahoxise imoto yakhe ngemuva kokuphelelwa amandla.

Abakwa-Ferrari babenenhlanhla eyengeziwe ngesikhathi imoto yokuphepha ivumela uSainz ukuthi anamathele uVerstappen sekusele imizuliswano engaphezudlwana kweyishumi. 

Kodwa bekungahlosiwe ukuthi kube njalo njengoba uVerstappen ekhombisile ukuthi kungani engumpetha wamanje ngesikhathi edlula uSainz.

Lokhu kunqoba kube okwesithupha kulandelana njengoba beqhubeka nokubalekela i-pack. 

Bekungokokuqala ukuthi uVerstappen awine i-Grand Prix e-Canada.

Abakwa-Mercedes bazosuka e-Canada bemamatheka ngemuva kokuba abashayeli babo bephume endaweni yesine neyesihlanu.

ULewis Hamilton uthole i-podium yakhe yesibili kule sizini ngemuva kokuqeda engowesithathu ngaphambi kukaSainz neyodwa ngaphambi kozakwabo uGeroge Russel.

ULeclerc uhlabe umxhwele ephuma endaweni ka-19 ezoqeda umjaho endaweni yesihlanu.

Iqembu lase-France Alpine lihlabeke umxhwele impelasonto yonke njengoba umphumela wokuhlungela indawo yesibili kaFernando Alonso uvelile ngoMgqibelo.

U-Esteban Ocon uqede endaweni yesithupha kwathi u-Alonso wafinyelela entanjeni endaweni yesikhombisa.

I-Formula 1 manje izothatha ikhefu lesonto ngaphambi kokubuya ngempelasonto yokuqala kaNtulikazi ne-British Grand Prix e-Silverstone Circuit.

Izihloko zakamuva