Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
UMengameli we-IFP ukhuze uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa ukuba ahlukane nomthetho wokubuyiswa komhlaba ngoba sebeyawubona ukuthi uzodla umhlaba kaZulu.
UMnuz Velenkosini Hlabisa ukusho lokhu ekhuluma emcimbini wokwethulwa komgubho weminyaka engu-50 kwasungulwa i-IFP ngo-1975 obuseThekwini ngoMsombuluko.
“Uyakhohlwa uMengameli ukuthi leli lizwe akasaliphethe ngokugcwele kodwa uvimbisene nathi. Ngakho lomthetho asewusayinile wokubuyiswa komhlaba uyinhlamba ngoba uzodla umhlaba kaZulu. Sithi asiwufuni,” kusho uHlabisa.
UHlabisa uqhakambise iqhaza le-IFP kuleminyaka engu-50 yasungulwa ekulweni nokuhlukunyezwa kwabantu abamnyama abahluphekayo.

Uveze nokuthi i-IFP kuyophela “izinhlamvu” ivikela umlando kaMntwana wakwaPhindangene ekuvikeleni ibhange iThala.
“Bashaya kwasani okusungulwe umuntu omnyama. Baqale nge-VBS ne-African Bank mnje sebezozama ngeThala. Abakhohlwe. Abasoze. Sizogcwala imigwaqo SIVIKELA umlando womuntu omnyama,” kusho uHlabisa.
I-IFP yasungulwa ngo-1975 kwaNzimela ngomyalelo kaMnuz Oliver Tambo kaKhongolose nokwelulekwa kukaBhoshobhi wokuqala omnyama wamaSheshi uDkt Alpheus Zulu eluleka uMntwana wakwaPhindangene ngoba abantu abamnyama babengavunyelwe ukuboleka izimali emabhange amakhulu.