Uhide lofakazi kwelokubulawa kukaMagaqa

Celani Sikhakhane

Babalelwa ku-60 ofakazi abazokwethula ubufakazi ecaleni lokubulawa kukaMnu Sandiso Magaqa owayenguNobhala we-ANCYL owabulawa ngo-2017.

Ukuqulwa kwecala labasolwa abane kuzoqala ngoMsombuluko ozayo eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.

UMagaqa wabulawa eMzimkhulu ngemuva kokulwa nenkohlakalo yemali engu-R40 million eyayihlelelwe ihholo lomphakathi. Amanye amakhansela amabili, uNonsikelelo Mafa kanye noNkk Jabu Mzizi-Msiya, abashonanga kodwa bathola amanxeba okudutshulwa.

Emngcwabeni izishoshovu ezazilwa nenkohlakalo noMagaqa zaveza ukuthi zake zabika ngokusatshiswa kwazo kuMgcinimafa-jikelele we-ANC ngaleso sikhathi uZweli Mkhize njengomholi ophezulu we-ANC KwaZulu-Natal kodwa akuzange kwenziwe lutho.

IMeya yaseHarry Gwala engasekho uMnu Mluleki Ndobe kanye nomphathi kamasipala waseMzimkhulu uMnu Zweliphansi Skhosana bathweswa amacala okubulala uMagaqa kodwa amacala abo abuye ahoxiswa ngenxa yokungabibikho kobufakazi obanele.

UNdobe wabe esezibulala ngokuzidubula esemzini wakhe eThekwini.

Icala likaMagaqa selidonse iminyaka ngoba abanye abasolwa bavele bashintsha abammeli ngomzuzu wokugcina noma baqhamuka namanye amaqhinga okulibazisa.

Amanye amalungu e-ANC abekhala ngokuthi akekho noyedwa umholi weqembu oke wafika enkantolo ukuzokweseka umndeni kaMagaqa.

Abasolwa abane ngowayeyiphoyisa uSibonelo Myeza, usomabhizinisi uMbulelo Mpofana, uMlungisi Ncalane kanye noSibusiso Ncengwa.

Babhekene necala lokwakha itulo lokubulala, ukuzama ukubulala, ukucekela phansi impahla kanye nokutholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni.

Baphinde basolwe ngokusebenza ngenhloso efanayo ukwenza la macala futhi uma belahlwa yicala bazobhekana nodilikajele.

UMagaqa wakhononda ngesakhiwo sehholo waze wasifanisa nesonto wathi bekungafanele sidle abakhokhi bentela u-R40 million.

Yingakho uMagaqa nabanye bathatha isinqumo sokulwa besola abaholi abathile be-ANC nezinye izikhulu zaseMzimkhulu ngokuqola abakhokhi bentela. Ihholo alikaze liqedwe ukwakhiwa.

Izihloko zakamuva