UHendrick Monyeki uzokhipha ingoma entsha ehlanganise umculo wokholo ne-jazz

Sizwe Sibiya

UHendrick Monyeki usekulungele ukubusisa abalandeli bakhe ngelinye icwecwe elisha le-Jazz nomculo wokholo kuyo le nyanga, ngemuva kwempumelelo yecwecwe langonyaka odlule elithi-Unmerited Favour.

Lo mculi oneminyaka engu-37 ubudala wase-New Eersterus e-Hammanskraal utshele i-Scrolla.Africa ukuthi usekulungele ukukhipha ingoma yakhe yokuqala ezokwi-Extended play (i-EP) yakhe nayo ezophuma maduze ezayo.

“Mhlaka-14 kuMasingana ngizokhipha ingoma eyodwa esihloko sithi ‘Siyakubonga’, bese ngomhlaka-28 kuMasingana ngikhiphe i-EP ephelele,” kusho uMonyeki. 

Njengeningi lezingoma zakhe zangaphambilini, iculo elithi “Siyakubonga”, likwenza uzizwe usohambweni lukamoya ngezinsimbi zomculo wezokholo ezifaka i-Jazz phakathi.

UMonyeki, oke wacula noSibongile Khumalo noJonas Gwangwa ukubala abambalwa, ulande ikwaya emuvumela kulengoma, ukuqinisa isigqi somyalezo awubhekise kuNkulunkulu.

“Kube wuhambo oluhle kakhulu lweminyaka engu-17 ngaqala ukwenza lo msebenzi,” kusho uMonyeki etshela i-Scrolla.Africa ngesikhathi ekhipha ividiyo yekhonsathi yomculo we-Jazz ethi-“Summertime” ngonyaka odlule, eyaqoshwa ngesikhathi ehlonipha.izingqalabutho zomculo we-Jazz e-Springs Theatre ngoNhlolanja 2021.

Khonamanjalo ingoma ethi “Siyakubonga” izotholakala kuzo zonke izinkundla zomculo kusukela ngomhlaka-14 kuMasingana.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva