UHelen Zille noJulius Malema, umbangwana ongemuhle kwezepolitiki ephikisayo, bathole ukuhlonishwa kulo nyaka ngokuba babi kakhulu ekulweni ne-African National Congress.
Iqembu elibusayo i-ANC belilokhu lizidweshula, lilwa nobunzima besifundazwe obukhishwe ngohlelo lukahulumeni lwamathenda.
Impi evuthayo yomphefumulo we-ANC imise izinhlelo zikaMengameli uCyril Ramaphosa zokusindisa izwe kubaphangi nakubathwebuli bamathenda, kwamisa nokulethwa kwezidingo kubantu.
Ngisho nemali eyizigidi ezingama-R500 eyaqokelelwa ukulwa nobhubhane lwe-Covid-19 ayizange isinde.
Amaqabane, abangane nemindeni yabo bonke baklelile ukuntshontsha izigidigidi zamarandi ezazenzelwe ukusindisa izimpilo.
Kodwa akekho ngisho uZille we;Democratic Alliance noma uMalema we–Economic Freedom Fighters ababengathola ukwesekwa ngakho okwanele ukuqinisekisa ukuthi abavoti bajezisa uhulumeni we-ANC ngokuqolwa kwezimali ezenzelwe imishini yokuzivikela emitholampilo, ezibhedlela, ezikoleni nakwezinye izikhungo zemisebenzi kahulumeni.
Esikhundleni salokho abaholi beqembu eliphikisayo balandela i-ajenda entsha: ukuphinda baqale ukwehlukaniswa ngokobuhlanga ezweni kanye nokwakha izinkundla ezintsha zempi zabashisekeli bamaphiko abangakwesokudla nabangakwesobunxele.
Siyazi ukuthi manje uJohn Steenhuisen ungumholi we-DA. Kodwa nguZille, owake wanconywa ngeqhaza lakhe ekwakheni i-DA njengeqembu lokukhula nokubusa, othathwa njengebhola elikhulu elibhidliza lona leli qembu alakha.
Ngenyanga edlule, i-ANC isule phansi nge-DA kanye ne-EFF ngesikhathi sokhetho lokuchibiyela ezweni futhi yenza okufanayo nakomunye umzuliswano emasontweni amabili edlule.
Isithombe: DA (da.org.za) ne-EFF (Facebook)