Dylan Bettencourt
ULalela Mswane waseNingizimu Afrika ungene kwabathathu abaphume phambili ngenkathi uHarnaaz Sandhu waseNdiya edla umhlanganiso kaMiss Universe wama-70 ngeSonto.
UNadia Ferreira wase-Paraguay uphume isibili kwathi uMswane wahlwithwa indawo yesithathu.
USandhu ube ngowesithathu waseNdiya ukuwina umncintiswano kaMiss Universe futhi waba ngowokuqala ukuwina ngemuva kukaLara Dutta ngowezi-2000.
Lo mqhudelwano othathe amahora amathathu ububanjelwe e-Israel lapho izimbangi nabalandeli abaningi babethi mawuyekwe lo mqhudelwano, kodwa abaningi okuhlanganisa noMiss South Africa, bakhetha ukubamba iqhaza naphezu kwezinselelo.
I-Indonesia ne-Malaysia bakhethe ukungabambi iqhaza kulo mqhudelwano ngenxa ye-Covid-19.
UMswane ungenele lo mqhudelwano emele inhlangano kaMiss SA hhayi iNingizimu Afrika njengesizwe ngemuva kokuthi uhulumeni ehoxise ukumeseka ngemuva kokushaya indiva iseluleko sabo sokungaqhudelani e-Israel.
Esigabeni semibuzo nezimpendulo, lo wesifazane waseNingizimu Afrika oneminyaka engama-24, uthe uyaleseka usiko lokukhanselwa kwabantu abangaziphathi kahle kodwa ukholelwa ukuthi abantu bangazihlenga.
“Ngikholwa wukuthi wonke umuntu kumele aphendule ngesenzo sakhe futhi uma umuntu engazi ukuthi kumele enzenjani ezinkundleni zokuxhumana kumele ahoxiswe. Ngiyakholelwa kwisiko lokukhanselwa kwabantu abangaziphathi kahle,” esho.
“Ngokufanayo, ngikholelwa kusiko lokuhlenga futhi ngethemba lokuthi umuntu usuke esevuthiwe, efundile futhi ezokwenza kangcono. Ngiyathemba ukuthi benza kangcono futhi bahlengiwe. Ngikholwa ukuthi bangakhula futhi kufanele banikezwe ithuba lokwenza lokho.”
Bekuwubusuku obuyingqophamlando kulo mqhudelwano njengoba kulo nyaka, bekunephaneli lamajaji abesifazane bodwa elihlanganisa uLori Harvey uMiss Universe wangowezi-2016, u-Iris Mittenaere, abalingisi uRena Sofer, u-Urvashi Rautela, uMarian Rivera no-Adamari Lopez noyi-supermodel u-Adriana Lima obeyijaji lokugcina.
Lo mqhudelwano ubuhlanganisa izingoma zikaJoJo kanye nesihlabani somculo samazwe ngamazwe uNoa Kirel. USteve Harvey ubethula lo mqhudelwano okwesithupha. Owake wawina uMiss United States uCheslie Kryst kanye nomsakazi wakumabonakude uCarson Kressley bebesingathe konke obekwenzeka ebesikubuka ngemuva esiteji.
Umthombo wesithombe: @People.com