Timmy T Maranda
Umpetha woMhlaba obusayo uLewis Hamilton unqobe ngesikhathi kuvulwa i-Bahrain Grand Prix ngeSonto, ebise-Bahrain International Circuit e-Sakhir. Lokhu kungokokuqala ngqa seloku lesi sifunda saqala ukusetshenziswa kusukela ngowezi-2015.
Umshayeli womjaho wase-Brithani uthathe isicoco sakhe somhlaba sesishiyagalombili eshiya uMax Verstappen we-Redbull ophume isibili nozakwabo uValtteri Bottas endaweni yesithathu.
Ngaphandle kwengcindezi engapheli ebivela kuMax Verstappen, uHamilton ukhombise isipiliyoni nokuvuthwa kuwo wonke umjaho.
UHamilton njengamanje ubambene noMichael Schumacher wodumo ngomlando wokuwina i-World Drivers’ Championship. Bobabili banqobe lesi sicoco amahlandla ayisikhombisa.
UHamilton ushilo ku-twitter ukuthi uyayithanda inselelo, ayibekezelele kwaze kwaphela umjaho.
“Yeka indlela yokuqala isizini! Ngiyawuthanda lo mdlalo futhi bengiwuthandile umzuzu nomzuzu walo mjaho,” esho.
“Namuhla kuyisikhumbuzo sokuthi ngokusebenzisa amandla ethu ngokuhlanganyela singenza izinto ezinkulu. Kuhle ukubuya.”
Ngokulandelayo kwikhalenda le-Formula, umgwaqo uholela e-Monza Autodromo ki-Italian Grand Prix ngomhla mhla ziyi-18 kuMbasa.
Umthombo wesithombe: @LewisHamiltom