Uhambo olunzima lokubuyela ekhaya e-Nigeria

Dylan Bettencourt

Ngemuva kokukhishwa kwiNdebe yoMhlaba yabesifazane abaneminyaka engaphansi kwengu-20, i-Nigeria iqale uhambo lwayo lokubuyela ekhaya isuka e-Costa Rica – futhi kube uhambo olunzima.

Abadlali abancane be-Falconets bahlangabezane nenkinga yokubambezeleka kwezindiza ezixhuma e-Panama nase-Colombia ngesikhathi besendleleni eya e-Turkey.

Ngemuva kwalokho abadlali nabasebenzi babambeke e-Istanbul International Airport amahora angu-24 ngemuva kokuphuthelwa indiza eya e-Abuja.

Baye baphoqeleka ukuthi balale phansi noma ezihlalweni esikhumilweni sezindiza. Izithombe zabadlali baleli qembu belele esikhumulweni sezindiza zisabalale ezinkundleni zokuxhumana.

I-Nigeria Football Federation (NFF) ikhiphe isitatimende ithi akumele isolwe ngaleli phutha.

Kodwa abadlali bachaze ngobunzima bohambo lwabo bathi akusho lutho ukuthi ubani odale lesi siphithiphithi.

“Ukuthi ngubani obhukhe izindiza akabalulekile ngoba okwenzeke e-Turkey bekungagwemeka,” kusho omunye wabadlali ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe etshela i-BBC Sport Africa.

“Abazange basivumele ukuthi siphume esikhumulweni sezindiza ngoba besingenawo ama-visa okuthutha futhi inkampani yezindiza ithe ngeke inakekele abagibeli abaphuthelwe izindiza zabo.”

Lo mdlali wengeze ngokuthi abaqondi ukuthi kungani bengabekwanga endaweni yokulala kuze kube indiza yabo elandelayo iyafika.

“Omunye umuntu ubexhumana nabantu abangalungile futhi ngesizathu esithile bebengafuni ukusilalisa kwelinye lamahhotela asesikhumulweni sezindiza. Besilele kabi phansi nasezihlalweni ngoba indiza elandelayo eya e-Abuja bekumele ihambe ngoLwesithathu,” kusho lo mdlali.

I-NFF ichaze ukuthi i-Fifa ibhukhe izindiza ezisuka e-Costa Rica zeqembu kanti imibandela yama-visa isho ukuthi abadlali abakwazanga ukuphuma esikhumulweni sezindiza sase-Istanbul baye ehhotela.

Okhulumela i-Fifa uchaze ukuthi nakuba isigungu esilawulayo singahlela uhambo, ukubambezeleka kokuxhumana kanye nezindaba zama-visa zingaphezu kwamandla ayo.

Okwengeza osizini lwabo, iqembu labaneminyaka engaphansi kwengu-20 litshelwe ukuthi lizohola kuphela uma iqembu elikhulu lithola amabhonasi alo.

Umthombo wesithombe: @VanguardNews

Izihloko zakamuva