Dylan Bettencourt
Yize edlule ebuhlungwini bokugwazwa entanyeni, emgogodleni nasezingalweni cishe eminyakeni eyishumi edlule, iphupho likaTheo Cogill lafezeka ngenkathi eqala ukubonakala kuma-Paralympics.
UCogill okunguyena kuphela umdlali wethenisi ohlwini lwabadlali be-Team South Africa futhi uqale ukubonakala ngoLwesithathu ekuseni ngesikhathi ehlulwa ngo 3-0 nguKrisztian Gardos wase-Austria.
Lo mdlali oneminyaka engama-34 ubudala wayesendleleni eyomela iNingizimu Afrika kuma-Olimpiki abanjelwa e-London ngowezi-2012 ngesikhathi egwazwa ngenkathi ezama ukulamula impi e-Bellville, eKapa.
Uthe lesi sehlakalo sibe yingxenye ebalulekile yohambo lwakhe lokufika lapho akhona namhlanje.
“Angisenandaba nokuthi ngihlezi ngibuzwa lowo mbuzo, ‘ukwaze kanjani ukubhekana nesimo, kwenzakaleni?’ Kodwa kuhlangene nendaba yami, futhi ngiyazama ukuba yithonya lokususa izingane emigwaqeni futhi ngizenze zisebenzise izimpilo zazo kancono kunobugebengu,” kusho uCogill.
Lo mdlali oyi-Paralympian ohlala endaweni yaseKapa e-Bonteheuwel uthe bekungaba lula kuye ukulandela ezinyathelweni zabantu abaningi abaseduze kwakhe ngemuva kokugwazwa kwakhe.
“Bekungaba lula ukuthi ngibe ngumdubuli wezigelekeqe. Ayikho imali kuthenisi yetafula. Ngisho namanje, uziqeqesha kanzima, futhi mawufika ekhaya bese uyacabanga ukuthi, ‘ngizodlani namhlanje ebusuku’ futhi isinkwa nekhofi yilokho kuphela okusuke kukhona. Akuyona impilo yezinganekwane,”.
“Ngihlala nobaba wami (ongasebenzi) futhi kumele ngimbheke. Ululeme kumdlavuza obumgcine esibhedlela isikhathi eside kanti umama uphethwe uvendle emlenzeni,” kusho uCogill.
Yize kunesigameko ebesingenza ukuthi owaseNingizimu Afrika angene empilweni eyingozi, uCogill ukhombise ukulwa okukhulu nesimo sengqondo ngokuba yi-Paralympian. UCogill uzobhekana noCarlos Carbinatti ngo-6.40 ekuseni ngoLwesine.
Umthombo wesithombe: @AthloneNews