Uhambo olude olubheke e-Malawi!

Everson Luhanga

Ukuthatha uhambo oluthile kungaba into ethokozisa kakhulu. Kodwa ngenxa yezokuthutha esinazo ungagcine uhambe izinsuku eziningi kunalokhu obekulindelekile.

Ngivame ukuhamba ngebhasi ngisuka eNingizimu Afrika ngiye e-Malawi noma sengibuya. Ngakho-ke ngizibona ngingumpetha emzileni ophakathi kweGoli ne-Blantyre, futhi ngingaxoxa izindaba eziningi mayelana nokuhlangana kwabantu engingabazi nhlobo kuloluhambo olude kangaka.

Uhambo oluthatha izinsuku ezintathu nobusuku luqala ekuseni kakhulu ngaphambi kokuba kukhanye e-Park Station. Ekuseni ngohambo olukhulu oluya e-Malawi, ngafika esiteshini samabhasi ngabo-5 ekuseni, ngithwele izikhwama zami ezisindayo ezigcwele izinsipho, izingubo, amabhayisikili nezinsimbi.

Besibancane kulayini. Kodwa ngehora lesikhombisa ekuseni ulayini wawusumude  ujikeleza eceleni komgwaqo njengoba abagibeli belinde ibhasi ukuze baqale ukupakisha imithwalo yabo.

Ibhasi liya e-Malawi futhi abagibeli bakhuluma olunye lwezilimi eziningi zase-Malawi. Kodwa okwamanje ulayini uthule njengoba wonke umuntu elindele ukuthi kukhona ozokhuluma ukuze sizwe ukuthi ukhuluma luphi ulimi.

Abesilisa babonakala bejabulile, mhlawumbe bajabulele ukuthi baya emakhaya abo. Baqhosha  ngempumelelo yabo nabahlangabezane nakho kulelizwe. Abesifazane bona bathule. Babonakala bengajabulile kangako mhlawumbe ingenxa yokuthi basazobhekana nohambo olude.

Kodwa-ke ibhasi lafika abantu baqala ukulayisha. Wonke umuntu ukhuluma kanye kanye ecela usizo ngezikhwama ezisindayo.

Abagibeli bangu-65 ngaphakathi ebhasini, umshayeli aqale adumise ibhasi ziye lisuke. Lokhu okwenzekayo kuyasijabulisa futhi simamatheka sodwa sijahe ukuyobona imndeni nabangani ekupheleni kohambo.

Impela lude uhambo. Kodwa injabulo eyayigcwele ebusweni babagibeli yaphenduka ukucasuka ngesikhathi  ibhasi libambezeleka ngenxa yokuvinjwa  amaphoyisa emigwaqeni ebheka ukuthi aseqile yini isibalo ebhasini.

Sajabula sonke ngesikhathi sifika emngceleni e-Beitbridge ohlukanisa iNingizimu Afrika ne-Zimbabwe, noma kusithathe amahora angu-10 ukuthi sifike emngceleni. .

Sajabuliswa ukuthi sizophuma silule izinyawo nemizimba yethu ngemuva kwesikhathi eside sihleli phansi. .

Baningi abantu abangena bephuma eNingizimu Afrika. Abavakashi, izintatheli, abafuna umsebenzi abavela emazweni ahlukene, bonke babuthana ndawonye ukuze kubhekwe amaphepha asigunyaza ukuba sihambe.

Uma sekuqediwe ukugxivizwa amapasi, siya ezindlini zangasese bese sibuyela ebhasini eselivele liqalile ukuduma.

Uhambo oluya e-Zimbabwe luyaqhubeka. Ngalesi sikhathi, sesikhathele futhi silokhu sizumeka, wonke umuntu uncike kulowo asondelene naye kuthulekile ebhasini. Umsindo esiwuzwayo ukubhonga kwenjini yebhasi. Awekho amazwi avela kulaba abakhulumayo noma izingane ezikhalayo.

Ibhasi linabashayeli abathathu. Ngenkathi omunye eshayela abanye ababili balala ngemuva emibhedeni ekhethekile.

Ngaphandle kokuthi kunezikhala ebhasini, kodwa kunephunga elibi elilokhu liqhamuka ngomoya. Sonke senza sengathi asilizwa.

Lisukume ikhehla libambe isisu licele umshayeli ukuthi ame lifuna ukuzikhulula. Umshayeli webhasi avele athethise ikhehla. Sonke savele sasukuma sabumbana safuna ikhefu lendlu yangasese.

Ngemuva kwamahora ambalwa safika emngceleni ophakathi kwe-Zimbabwe ne-Mozambique. Abantu bakhathele futhi akuwona wonke umuntu ofuna ukuphuma kuyogxivizwa iphasiphothi yakhe. Abanye batshela abomnyango bokufika ukuthi bangabahluphi.

“Ngilibangise ezweni lakithi,” kusho ikhehla. “Woza ubeke isigxivizo sakho kwipasi lami lapho engihlezi khona noma ungiyeke phansi.”

Noma kuthiwani umthetho uyahlonishwa . Ngakho-ke sasukume sonke sinyobozela ebusweni, saphuma ebhasini sama umugqa phambi kwamaphoyisa.

Kuzo zonke izigxobo zomngcele, sinesikhathi sokuxubha amazinyo nokugeza ubuso kuphela. Izindlu zangasese ngesinye isikhathi zihlanzekile, ngesinye uzifica zingahlanzekile.

Uhambo oluya e-Mozambique luqhubeke.

Ngesikhathi sime esitolo e-Mozambique, owesifazane owahluleka ukuzibamba wagijima ngemuva kwezitolo eyozikhulula kodwa amaphoyisa ase-Mozambique awabonisanga uzwelo. La maphoyisa ayekhuluma isingisi esincane ekhuluma kahle isi-Portuguese awapholisanga maseko bamufaka ozankosi bathi wephule umthetho.

Ngesikhathi esifanayo umshayeli webhasi aqhubeke nohambo, ashiye owesifazane ngemuva. Abagibeli bagxume bekhala bememeza bethi umshayeli akame alinde owesifazane.

Avele aphakamise amahlombe, umshayeli asuke esiteringini ukuze kuzongena omunye umshayeli olandelayo.

Kwavela uphawu oluvuse wonke umuntu ebhasini. Sihlale sonke. Sizizwa sijabule futhi. Abantu baqala ukukhuluma bejabule njengoba uphawu. libhalwe ngesingisi ukuthi siyakwamukela emngceleni wase-Mwanza. 

Abantu abangaphandle kwebhasi bakhuluma ulimi lwethu lwasekhaya. Sesifikile ekhaya!

Kulokhu, akekho ozimisele ngokuphuma ayohlolwa imithwalo yakhe izikhulu.

Ukusuka lapho, kuwuhambo olufushane, olujabulisayo oluya e-Blantyre, isitobhi sethu sokugcina.

Sonke sehla ebhasini. Abangani nezihlobo abebelinde ngesineke ibhasi bayasisiza ukwehlisa imithwalo. Sijabulelane, sixhawulane, simamatheke into engepheli. Abanye babonga uNkulunkulu ngokubabuyisela ekhaya bephephile.

Ngokushesha wonke umuntu uyahlakazeka, sikhohlwe ngisho nobungani esibakhe kulezi zinsuku ezintathu zohambo. Sinemizi yethu okumele sibuyele kuyo. Into eyokuqala esifisa ukuyenza ukugeza ngamanzi afudumele siphumule siphinde sijabule ukubona abantu.

Abaningi bethu bahlala ekhaya izinyanga ezimbili ngaphambi kokubuyela eNingizimu Afrika. Emasontweni amathathu okugcina amaholidi, siqala ukucabanga ngohambo olude oluya eNingizimu. Kulesi isikhathi samaholidi esisuke sisele ,  injabulo isuke isingekho ngoba sisuke sesicabanga ngohambo olubuyela eNingizimu Afrika. . Kuvele kuphele injabulo uma   enhliziyweni uma usucabanga ukuvalelisa bese ugibela ibhasi futhi. Kodwa sekuyisikhathi sokukwamukela ukuthi sizophinda emuva maduze.

“Azilime ziyetsheni”. 

Emuva eNingizimu Afrika samukelwa ngemfudumalo. Abantu beza bezobuza ukuthi sizibonile yini izihlobo zabo bebuza ukuthi banjani. Ngemuva kwenyanga, yonke into isibuyele kulokho okwakuyikho ngaphambilini. Sesiyijwayele impilo yaseNingizimu. Sengathi asikaze siye emakhaya.

Uvele ubone ukuthi impilo kumele iqhubeke.

Izihloko zakamuva