Uhambo olude lukaHichilema oluya ehhovisi likaMengameli

Lungani Zungu

UMengameli osanda kukhethwa wase-Zambia uHakainde Hichilema kudingeke ukuthi alwe nobunzima ngenkathi ebesebenzela ukufinyelela ehhovisi eliphakeme kunawo wonke ezweni.

Uhambo lwakhe olunzima luhlanganisa nokuvalelwa ejele ngenxa yamacala asolisayo enzeka eminyakeni emine edlule.

Kodwa usomabhizinisi oneminyaka engama-59 ubudala nongusopolitiki akazange alahlekelwe yinjongo yakhe futhi ngoMsombuluko unqobe imbangi yakhe enkulu u-Edgar Lungu okhethweni lobuMengameli.

Engxoxweni, unkosikazi wakhe uMutinta umchaze njengendoda engadikibali.

Ekhuela esigodini sase-Motseze ngowe-1960, umndeni kaHichilema, njengabanye abantu bendawo, wawungenako okuningi kodwa wayenza kahle esikoleni. Wathola umfundaze wokuyofunda e-University of Zambia ngowe-1986 lapho aphothula khona iziqu ze-Economics and Business Administration.

Lezi ziqu zamvulela iminyango eminingi futhi waqhubeka nokufunda i-MBA kwezezimali e-University of Birmingham eNgilandi.

Ngemuva kokuhlala isikhathi eside emikhakheni ezimele, uHichilema wajoyina ezepolitiki futhi wakhethwa njengomholi we-United Party for National Development ngowezi-2006. Wabe esebheka isikhundla sobuMengameli.

Kodwa wehlulekile emizameni emihlanu ukuqinisekisa ukuthi abantu base-Zambia bamvotele njengoMengameli, yize izwe liqhubeka nokwehla komnotho.

Imizamo kaHichilema iklonyeliswe ngalesi sikhathi nangemuva kokhetho lwangoLwesine, umenyezelwe njengoMengameli omusha wase-Zambia.

Manje uHichilema uneminyaka emihlanu ukukhombisa kubantu abangaphezu kwezigidi eziyi-17 ukuthi uyindoda efanele lo msebenzi nokuthi uzokwenza izinguquko azithembise ngesikhathi somkhankaso.

Abamgxekayo bathi usezintendeni zosomabhizinisi abanamandla kodwa ukuchithile lokhu wafunga ukuthi umi nabantu base-Zambia.

“Sekuyisikhathi sempilo encono kubo bonke abantu base-Zambia. Ushintsho lufikile,” kufundeka umyalezo wakhe ku-Twitter.

UHichilema kulindeleke ukuthi ethule inkulumo yakhe yokwamukela namuhla.

Izihloko zakamuva