Ukundiza kweBafana Bafana ukuya emidlalweni yangaphandle sekushaye iphakethe le-South African Football Association (Safa).
Isikhulu seSafa uLydia Monyepao udalule ukuthi ukuhamba amabanga amade, ikakhulukazi e-Afrika yonkana, kudala izinselelo ezinkulu zezimali, kubika iFarPost.
Ukuqinisekisa ukuthi iqembu liphumule ngokwanele emva kwemidlalo ethothene eduze, iSafa isebenzisa izindiza ezimba eqolo ezizimele ukuthatha abadlali.
Ngokwesibonelo, indiza yangasese eya e-Nigeria cishe ibiza u-R3.5 million, kanti uhambo oluzayo oluya e-Congo Brazzaville kulindeleke ukuba lubize ngaphezulu.
Izindiza ezimfushane, njengokusuka eBloemfontein ziya eBrazzaville, zibiza cishe u-R2.5 million.
Lezi zindleko eziphezulu ziwumthwalo onzima kwisabelomali seSafa. UMonyepao uthe iSafa icela usizo kubaxhasi nohulumeni ukuze ikwazi ukubhekana nalezi zindleko.
“Senza ama-quotes ukuze sinxuse abaxhasi bethu nohulumeni ukuthi basisize,” kusho yena.
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ubonge iSafa ngokuhlela indiza yangasese ebheke e-Nigeria. Ngaphandle kwayo, iqembu bekuzodingeka lithathe i-commercial flight yamahora angu-20 ngoba inanezitobhi, obekungaphazamisa ukusebenza kwabo abadlali.
UMonyepao uphinde waveza ukuthi bacabanga ukusingatha imidlalo yeBafana Bafana emadolobheni angaphandle kwaseGauteng, njengePolokwane, iCape Town, neMbombela, ukuze behlise izindleko. Nokho iSafa isazodinga ukukhokhela izindleko zokuthola iqembu kula madolobha.
Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff
Esithombeni esingenhla: IBafana Bafana.
Umthombo: Bafana Bafana/X