Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Iningi labadayisi lithi ukudayisa ukudla ngaphandle kwase-Nasrec lapho okuqhubeka khona ingqungquthela ye-ANC ka-55 akulethi nzuzo etheni.
Kodwa enye indoda ibilokhu yenza inzuzo enkulu.
UNdandu Makungo ubelokhu edayisa impesu, isithako esenziwe ngesihlahla se-violet okukholelwa ukuthi senza abesilisa babe uqanduqandu embhedeni.
Impande yomiswa elangeni bese iyagxotshwa. Ibe isifakwa emdokweni noma emahewini bese iphuzwa ngabesilisa nabesifazane.
“Amaqabane ebeyithenga ngobuningi impushana kusukela kuqale ingqungquthela kanti abanye baze babuye bezofuna enye,” kusho uMakungo.
“Abanye banamahloni okuthenga esidlangalaleni, bafuna ukuthenga ngasese. Ngidiliva nasezindlini zezivakashi nasemahhotela.”
UMakungo uthe uyakwazi ukwenza izinkulungwane zamarandi nsuku zonke futhi unethemba lokuthi uzodayisa ngaphezu kwalokho kuze kube uLwesibili. Uthe akakaze enze imali engaka selokhu aqala ukudayisa lesi sithako nyakenye. Unethemba lokuthi uzokwazi ukwenza okwanele ukwakha indlu yakhe enamagumbi amahlanu.
Kodwa labo abadayisa ezinye izinto – mhlawumbe, ukudla – bathi abenzi nzuzo enkulu uma kuqhathaniswa nezingqungquthela ezedlule.
U-Annah Ndlovu ongusonkontileka, uthe kwehlile ukwesekwa izithunywa.
“Ekupheleni kosuku ngiyaphoqeleka ukuthi nginikeze abayimilutha ye-nyaope kanye nabangenamakhaya ukudla ngoba akuhambi,”esho.
“Amaqabane ahlezi eshumayela ukwesekwa kosomabhizinisi abancane kodwa abakwenzi abakushumayelayo lapha engqungqutheleni.”
Abadayisa umfaniswamo weqembu nabo bayathinteka.
UNomasonto Zulu uthe selokhu iqalile ingqungquthela usadayise izikibha eziyishumi kuphela.
“Ubani ozothenga kithi uma izithunywa zivaleleke ngaphakathi usuku lonke?
“Ngisebenzise ingxenye yomholo wami ngenhloso yokuzama ukwenza imali eyengeziwe neyanele ukukhokhela izingane zami imali yesikole onyakeni omusha, kodwa manje nginovalo lokuthi ngiyimoshile.”
Isithombe esingenhla: UZanele Mbombo
Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo