Uhambela phezulu uLieutenant wesifazane wophiko lweSAPS olusezingeni eliphezulu 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Ezimisele ukunqoba ukwesaba kwakhe ukuhamba ngendiza, uLieutenant Kgothatso Khunou ungumshayeli wokuqala wendiza enophephela emhlane wesifazane omnyama oxhumene ne-SAPS Airwing e-Free State kanti usebenzela i-Operation Vala uMgodi.

I-Operation Vala uMgodi iwuhlelo oluhlanganisa imikhakha eyahlukene efana ne-SADF kanye noMnyango wezaseKhaya. Ilwa nezimayini ezingekho emthethweni ezweni lonke.

Ungomunye wabashayeli bezindiza be-SAPS besifazane abangu-17 ezweni lonke.

Ekhulele e-Rustenburg, uKhunou ukholelwa ukuthi umsebenzi wokundiza wathola yena esikhundleni sokuthi ufunwe nguye.

“Ngesikhathi ngifunda esikoleni samabanga aphakeme, ngangihlele ukufunda umsebenzi wesayensi. Ngemva kokuphothula umatikuletsheni wami, ngafunda i-diploma ye-biotechnology.”

Ngemva nje kokuphothula iziqu ngo-2010, wathola umfundaze kubaphathi base-Royal Bafokeng ukuze aqeqeshwe ukuba umshayeli wamabhanoyi wezohwebo.

“Nganginokusaba ukuhamba ngendiza kodwa nganquma ukuba nesibindi ngaziphonsela inselelo yokuthi nginqobe lolu valo ngokuthatha leli thuba,” kusho yena.

Lokhu kugcine kuholele ekutheni ajoyine i-SAPS ngo-2014 njengomshayeli wamabhanoyi osemncane onesikhundla sokuba yi-warrant officer.

Umsebenzi wakhe ukuhamba ngendiza, lapho ehlinzeka ngosizo lwasemoyeni njengoba kusuke kucele amayunithi asezansi, ukucinga impahla entshontshiwe nezimoto, kanye nokusiza ngemisebenzi yokusesha nokuhlenga.

UKhunou ubambe iqhaza elibalulekile ohlelweni lwakamuva oluholwa ngabesifazane i-Operation Vala uMgodi lokugubha Inyanga Yabesifazane.

Ithimba libophe abasolwa abangu-1,178 abasolwa ngokuba ngabavukuzi abangekho emthethweni laphinde lashaqa ophenduka abangu-400 (okungamasilinda asetshenziselwa ukukhiqiza igolide) kanye nezinye izinsimbi zokumba ngokungekho emthethweni e-Benoni mhlaka-1 kuNcwaba.

Ungomunye wabesifazane abakhulayo eNingizimu Afrika abeqa imingcele ezindaweni ezigcwele kakhulu abesilisa.

UKhunou uphila ngesisho esithi: “Uma uzibekela imigomo, hlala uzitshele ukuthi akukho okungakuvimba ukufeza amaphupho akho. Ngake ngesaba ukundiza, kodwa manje ngisebenzela izwe lami ngokungesabi njengomshayeli wendiza enophephela emhlane ye-SAPS.”

Osesithombeni ngenhla: ULieutenant Kgothatso Khunou.

Umthombo: Uthunyelwe 

Izihloko zakamuva