Uhambe kahle umkhuleko waloyo owayenguMengameli wezwe

Lungani Zungu

Bafike ngobuningi abantu abeseka  owayenguMengameli uJacob Zuma ngesikhathi kunomkhuleko epaki yaseThekwini, kodwa bathole ukuphoxeka ngoba owayenguMengameli ukhulume nabo esakaza ngevidiyo ebiqoshiwe. 

UZuma uthathe isikhathi sakhe ngesikhathi ekhuluma nezinkumbi zabantu abafike ngobuningi babo beze kumkhuleko ngoLwesine, uphinde wakhuluma ngendlela aboshwa ngayo nangezitha zakhe eziseqenjini le-ANC. 

“Ngaboshwa ngaphambi kokuba kuqulwe icala lami, bangenza isiboshwa sepolitiki. Kuyafana nokuthi ngisaboshiwe noma ngiphume ngoshwele ngoba ngiphila ngaphansi komthetho oqinile kashwele,” ukusho lokhu ekhuluma nalabo abamesekayo. 

Usola uhulumeni oholwa nguMengameli uCyril Ramaphosa ngokuba nesandla esiqinile ngesikhathi eboshwa, wakubiza lokho ngokuthi umbukiso ongenasiqiniseko wodlame lombuso. 

“Namhlanje, umthethosisekelo kanye nomthetho kubukeka kuyisikhali sokuziphindiselela kubaphikisi bezebolitiki kanye nokucindezela imibono. 

Umthetho usebenzisa amandla ukwakha isizwe esiqinile kanye nesibumbene,” kusho uZuma. 

Akusiyo imfihlo ukuthi abaseka uZuma basola uRamaphosa ngokuba yimbangela yezinkinga zakhe zomthetho nezepolitiki. 

Yize kunjalo, uthi uyazi ukuthi amanye amalungu adiniwe, kodwa uyawanxenxa ukuba angalifulatheli iqembu.

Ngaphandle kokudalula amagama, uZuma uthe iqembu le-ANC ligcwele izimpimpi ezigaqele izikhundla eziphezulu. 

Utshele abamesekayo ukuba bakhiphe labo uma iqembu selibamba ingqungquthela yeminyaka engama-55 ngoZibandlela ngonyaka ozayo. 

Kulokhu okwakuthathwa njengokuhlaselwa owayenguMengameli uThabo Mbeki, uZuma uthe ivoti lakhe lalingeyona imfihlo. 

Ngosuku lokukhethwa kohulumeni bendawo ngonyaka wezi-2016, uMbeki wathi ivoti lakhe liyimfihlo. 

“Ivoti lami alisiyo imfihlo, ngizoshona ngingaphansi kweqembu le-ANC,” kusho uZuma. 

Usihlalo weqembu le-ANC KwaZulu-Natali uSihle Zikalala ubefakiwe ohlelweni, kodwa akabonakalanga nangokhalo. 

UNgqongqoshe wezokuvakasha aphinde abe ilungu le-NEC eqenjini le-ANC uLindiwe Sisulu, unobhala-jikelele weqembu le-ANC omisiwe u-Ace Magashule, kanye noMengameli we-Women’s League uBathabile Dlamini bangabanye abakade bekhona. 

NjengoZuma, uDlamini ukhulume ngolaka ngobuholi beqembu, kodwa ngaphandle kokudalula amagama, wathi uzoqhubeka ngokufuna uMengameli wesifazane ngengqungquthela elandelayo yeqembu yokukhetha. 

UDlamini ungomunye ababeseka uNkosazane Dlamini-Zuma ngonyaka wezi-2017 ngesikhathi ehlulwa uRamaphosa. 

“Bayaqhubeka bayasihlokoloza, Kodwa ngizoqhubeka ngifune i-ANC ukuthi iphathwe owesifazane,” kusho uDlamini. 

Oweseka uZuma uMusa Dlamini oqhamuka eMlazi, eNingizimu yeTheku, uthe uphatheke kabi ukuthi uZuma ubengekho. 

“Bengicabanga ukuthi ngizombona okokuqala selokhu ephumile ejele. Inhliziyo yami iphukile.”

Le bekwinkulumo yesibili eqoshiwe selokhu uZuma aphuma ejele. 

Izihloko zakamuva