Lubhalwe nguRazeen Gutta
U-Erling Haaland wephule irekhodi ngamagoli angu-12 ku-Champions League kule sizini ukuze i-Manchester City ihlungele umdlalo owandulela owamanqamu olandelanayo ibhekene ne-Real Madrid.
Ngakolunye uhlangothi i-Inter Milan idlale ngokulingana ngo 3-3 ibhekene ne-Benfica ukudlula ngo 5-3 sekuhlanganiswe wonke amagoli.
I-Citizens ikwazile ukudlala ngokulingana ngo 1-1 ukuze iwine ngo 4-1 sekuhlanganiswe nomdlalo omdala ubebhekene ne-Bayern kanti umdlali wayo wase-Norway uphinde waba umdlali ovelele.
Iqembu likaThomas Tuchel liye emlenzeni wesibili ngenkolelo yangempela futhi abalandeli basekhaya bahlanganisa amasosha endleleni yabo yokufeza amaphupho abo.
Njengoba bekulindelekile osokhaya bebephethe iningi lebhola futhi badale amathuba amaningi, kodwa amaJalimane aye azabalaza ukushaya igoli.
Ukuqeda kwakhe kumenze walingana noRuud van Nistelrooy ngamagoli angu-12 kulo mqhudelwano futhi amagoli amaningi kunawo wonke aseke aba khona ku-Champions League ngesizini ashaywe umdlali we-Premier League.
Umfutho uguqule indlela ye-Manchester ngesikhathi kubukeka sengathi uzophela ngokulingana kodwa ukufika kukaSadio Mane washaya iphenathi ngesijeziso esiyimpikiswano esasayinwa i-VAR umdlalo usuzophela.
UJoshua Kimmich ushaye igoli lakhe ngaphambi kokuthi uThomas Tuchel akhishwe ngekhadi elibomvu kodwa i-Manchester idlale kahle ukuze izibekisele indawo kowandulela owamanqamu.
Komunye umdlalo i-Inter Milan ingene emdlalweni wabo ne-Benfica ihamba phambili ngo 2-0 okuwubufakazi bomehluko njengoba iqembu lamaPutukezi libuye ladlala ngokulingana ngo 3-3 ebusuku.
Umdlalo uphele ngo 5-3 sekuhlanganiswe wonke amaphuzu kanti i-Milan derby esigabeni sowandulela owamanqamu kuzosho ukuthi elinye lamaqembu ase-San Siro lizonikwa isicoco e-Istanbul.
Esithombeni esingenhla: U-Erling Haaland
Umthombo wesithombe: @ManCity