Ugwetshwe odilikajele umdlwenguli wama-tattoos

Kholofelo Mabitsela

UMahlodi Robert Baloyi wayeneminyaka engu-18 kuphela ubudala ngesikhathi eqala ukukhohlisa abantu besifazane abasebasha ukuze bakholelwe ukuthi uzobadweba ama-tattoos mahhala uma beza kuyena kodwa ubebadlwengula.

UBaloyi wayiqala lo mkhuba wakhe ngoMfumfu ngonyaka ka-2019 wabanjwa ngoNcwaba ngo-2020.

Ezinkundleni zokuxhumana ubekhangisa ngebhizinisi le-tattoo elingekho ukuze ahehe izisulu ezingalindelekile endaweni yakhe yokusebenza.

UBaloyi obizwa nge-Tattoo Facebook Rapist ubeheha labo abaphendula izikhangiso zakhe ngokubathembisa ngokubadweba ama-tattoos mahhala ethi lokhu kuyisu lokumaketha umsebenzi wakhe ukuze athole amakhasimende amaningi.

Ngokusho kwe-National Prosecuting Authority ngemuva kokuba izisulu zivume ukuhlangana naye uziyisa endlini yomxhaso engasasetshenziswa e-extension 71 ngaphandle nje kwase-Polokwane azidlwengule ngaphambi kokuziphuca impahla zazo.

NgoLwesithathu iNkantolo eNkulu yase-Polokwane igwebe uBaloyi odilikajele ababili neminye eyishumi ngamacala amabili okudlwengula, iminyaka eyishumi ngokugebenga kanye neminyaka emibili ngokuntshontsha.

Izigwebo zizohambisana.

Udlame olubhekiswe kwabesifazane luseyinkinga eNingizimu Afrika njengoba uMengameli uCyril Ramaphosa ememezele ukuthi selifike esigabeni senhlekelele.

UKhomishana wamaPhoyisa e-Limpopo uJenene Thembi Hadebe usamukele isigwebo.

Kuzosungulwa uMkhandlu kazwelonke omelene nokuhlukunyezwa ngobulili. Kuzogxilwa ekuvimbeleni nasekushushisweni kwamacala odlame abhekiswe ikakhulukazi kwabesifazane.

Izihloko zakamuva