UJacob Zuma ugwetshwe izinyanga eziyishumi nanhlanu ebhadle ejele ngokungawunaki umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo wokuthi avele phambi kweKhomishini kaZondo.
“Akukaze ngaphambilini ukuthi igunya kanye nokuba semthethweni kweNkantolo Yomthethosisekelo kuhlaselwe ngale ndlela,” kusho isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo esikhishwe ngoLwesibili ekuseni.
Lowo owayengumengameli uzodonsa isigwebo “esingamisiwe sokuboshwa isikhathi esiyizinyanga eziyi-15”.
UZuma kumele azethule esiteshini samaphoyisa eNkandla kungakapheli izinsuku ezinhlanu zekhalenda. Amaphoyisa kumele aqinisekise ukuthi “uyiswa esikhungweni sokuhlunyeleliswa kwezimilo”.
IPhini Lejaji Elibambile uSisi Khampepe ufunde isinqumo esithathiwe esiphinde sanikeza uZuma izindleko ngokuhlasela kwakhe ngendlela engajwayelekile ukuba semthethweni kwezobulungiswa.
Ngakho-ke, uKhampepe uthe: “UZuma unecala lokweyisa inkantolo”.
Ubize lokhu kuziphatha kukaZuma “ngendlela ecasulayo”, “nokuziphatha kwakhe okusolisayo” futhi wathi indlela aziphatha ngayo “iveza inhliziyo embi”, kanti “izimpikiswano zakhe zishoda ngamaqiniso asekelayo.”
Le ndaba isaqhubeka futhi izobuyekezwa usuku lonke.