Ugwetshwe iminyaka engu-25 oweba u-R13 million kamqashi wakhe

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Ugixabezwe iminyaka engu-25 owesilisa wase-Vryheid KwaZulu-Natal olahlwe icala lokweba imali yomqashi wakhe engu-R13 million.

UMnuz Lourence Johannes Klemp ulahlwe amacala angu-117 enkohlakalo wagwetshwa ngoMsombuluko  inkantolo yase-Richardsbay iminyaka engu-25 kodwa uzohlala eyishumi ejele.

Kuthiwa uKlemp waqashwa inkampani ezinze e-Lunerburg ngase-Dumbe okuyi-Ignite Charcoal njengesikhulu esiphezulu.

Umsebenzi wakhe kuthiwa kwabe kungukwamukela umsebenzi wezinkampani ezisebenza ne-Ignite Charcoal aphinde azikhokhele.

Nokho uKlemp wavele wathola ithuba lokweba ngokuthi acele umndeni wakhe okungumkakhe unina noyise nodadewabo.

Laba okungoNkk Jan Harm Klemp, uMathinus Lovers Klemp, uCharlene Scholz Klemp bangaphandle ngebheyili kanti icala labo lizothethwa maduzane enkantolo yesiFunda e-Vryheid.

Ophenyweni lwamaphoyisa obeluseqophelweni eliphezulu nobeluholwa uSayitsheni Smanga Ngema noMseshi Jettro KaMashobane  nabaphenyi abazimele, kutholakale ukuthi uKlemp wathenga umhlaba eduze kwenkampani abeyebela imali, kwaba izimoto ezine okwaba i-Ford Ranger, i-Opel Corsa, i-Renault Cleo ne-Ford Kuga.

Ngesikhathi kwethulwa lesi sigwebo sikaKlemp amanye amaphoyisa abelokhu ebalisa ngokuthi kungani afaka umndeni wakhe kulobu bugebengu ngoba sebeboshwe bonke nokusho ukuthi izingane zisele zodwa.

Kuthiwa uKlemp uyebe le mali iminyaka emithathu nokuze kwagcina ngokuthi umqashi wakhe kubekhona akusolayo.

Umqashi kuthiwa wavele wabikela amaphoyisa ngo-2022 waphinde waqasha nabaphenyi abazimele.

Izihloko zakamuva