Ugwetshwe iminyaka engu-24 ngawokuhlambalaza

Dylan Bettencourt

UMubarak Bala odumile wase-Nigeria ugwetshwe iminyaka engu-24 ebhadla ejele ngemuva kokuvuma amacala okuhlambalaza ngoLwesibili.

Izibukeli ziyesaba ukuthi lesi sigwebo esingakaze sibonwe siyizinsongo ezinkulu kwinkululeko  yokukhuluma e-Nigeria.

UBala akakholelwa kuNkulunkulu futhi unguMengameli we-Humanist Association of Nigeria. 

Ube ngomunye wabagxeka kakhulu inkolo kulelizwekazi eminyakeni yamuva nje, futhi ubehlezi ebhekana nezinsongo zokubulawa – ikakhulukazi ngemuva kokugxeka inkolo yamasulumane ku-Facebook ngo-2020.

UBala waboshwa esifundazweni sase-Kaduna ngo-2020, ngaphambi kokuba ayiswe e-Kano, lapho amanye amalungu omphakathi wama-Sulumane athi akajeziswe kanzima ngenxa yemibono yakhe.

Ngemuva komzabalazo wesikhathi eside, abammeli bakhe bashaqise inkantolo ngoLwesibili ngesikhathi uBala eguqula isinqumo sakhe evuma icala.

“Uvele washintsha isinqumo sakhe wavuma amacala angu-18. Besithukile,” kusho abammeli.

“Kuzwakala sengathi ubefuna ukwazi isiphetho sakhe. Ubengazi ukuthi lokhu kuzophela nini. Kungenzeka ukuthi ubecabanga ukuthi ukuvuma icala kuzomenza akhululeke, kodwa isigwebo sibenzima.”

ULeo Igwe, ongumsunguli we-Humanist Association e-Nigeria, uthe lokhu kusho ukuthi umbono wabo usuphenduke icala.

“Ngeshwa lolu wusuku oludabukisa kakhulu kubuntu kanye nakumalungelo abantu e-Nigeria. Okushiwoyo akukuhle kulo mbutho ngoba kusho ukuthi izazi zempilo zizoba yizigebengu,” usho kanje.

UBala waboshwa iziphathimandla isikhathi esingaphezu konyaka ngaphandle kokuxhumana nommeli wakhe, umndeni kanye nabangani kanti bekungekho muntu owaziyo ukuthi ukuphi.

Naphezu kwemiyalelo enkantolo ephakeme yase-Aduja yokuthi uBala akhululwe ngebheyili, iziphathimandla zase-Kano nase-Kaduna zayishaya indiva le mithetho futhi zamgcina esitokisini.

Icala likaBala lingasetshenziswa njengesibonelo ukuze kushushiswe abantu abaningi e-Nigeria abazama ukukhuluma ngokumelene nanoma iyiphi inkolo ezweni.

Umthombo wesithombe: @BBC

Izihloko zakamuva