Ugwetshwe iminyaka engu-15 umsolwa owabamba imoto yemali inkunzi

Lubhalwe nguSbongile Nonyana

  • UMduduzi Mngadi ulivumile icala lokuba yingxenye yesigameko sokuphanga imali yemoto e-Leslie.
  • Unogada wakwa-Fidelity wadubula wabulala omunye wabasolwa ngesikhathi iqembu lezigelekeqe lihluleka ukubaleka.

Ugwetshwe iminyaka engu-15 ebhadla ejele owesilisa owabamba inkunzi iveni yemali.

INkantolo eNkulu yaseMpumalanga ehleli e-Delmas ikhiphe isigwebo ngoMduduzi Mngadi (41), ngemuva kokuvuma ukuthi uyathinteka esigamekweni sokugebenga imoto yemali.

UMngadi namanye amadoda amathathu ayehlomile babefuna ukugebenga onogada bakwa-Fidelity abalanda imali e-Pick n Pay e-Leslie mhla ziyisithupha kuNhlolanja wezi-2023.

Izigebengu zeba isibhamu somsebenzi nesikhwama esigcwele imali ngaphambi kokubaleka endaweni yesigameko nge-VW Polo.

Kodwa icebo labo lafadalala ngokushesha. Omunye wonogada wathatha isibhamu sesibili wavulela ngenhlamvu wadubula imoto ababebaleka ngayo kwashona umshayeli.

UMngadi nasolwa naye, uMnuz Bhakaniya Mthembu, bagcine beboshiwe banqatshelwa ibheyili. Ngesikhathi uMngadi elivuma icala wabe esegwetshwa, icala likaMthembu libambezelekile kanti manje lizoqulwa mhla zintathu kuZibandlela 2027.

Inkantolo iphinde yamvala uMngadi ukuthi angalokothi abe nesibhamu.

UMajor General Gerber, inhloko yoKlebe esifundazweni, ulincomile ithimba labaphenyi kodwa wathi ukubambezeleka kwecala likaMthembu kuyakhathaza.

Iziphathimandla zithemba ukuthi isigwebo esinzima sizothumela umyalezo oqinile kulabo abayizigebengu.

Esithombeni esingenhla: I-sando senkosi yenkantolo. 

Umthombo wesithombe: File

Izihloko zakamuva