Kamogelo Olaitan
Owayengumfundisi wase-Melika obephinde abe isithunywa sevangeli e-Uganda ugwetshwe iminyaka eyishumi ebhadla ejele ngokunukubeza ngokocansi intombazane yase-Uganda ebigadwe ibandla lakhe.
U-Eric Tuininga (45), wase-Georgia, ulivumile icala lokuhlukumeza ngokocansi ngoNhlolanja ngaphambi kokuthi agwetshwe ngesonto eledlule, kubika i-Associated Press.
UTuininga uphinde wayalelwa ukuthi akhokhe u-$20,000 (cishe u-R343 000) ukuze abuyiselwe ezweni lakhe nokuthi ngemuva kokuphuma ejele achithe impilo yakhe yonke egadiwe futhi ebhaliselwe ukunukubeza ngokocansi.
Lowo owayengumfundisi waphenywa ngoNhlangulana ngo-2019 ngemuva kokuthi isakhamuzi saseMelika e-Uganda sitshele abashushisi base-Melika ukuthi uTuininga ubenukubeza ngokocansi namantombazanyana aneminyaka engu-14 ubudala.
La mantombazanyane abenakekelwa yisonto laseMelika i-Orthodox Presbyterian e-Uganda, lapho uTuininga ayengomunye wabefundisi khona baleli bandla.
I-Telegraph of Macon ibike ukuthi isigwebo esiphakanyisiwe bekuyiminyaka eyisikhombisa kodwa inkantolo imgwebe iminyaka eyishumi ngemuva kokulalela ubufakazi obuvela kumnakekeli wesisulu kanye namanye amalungu omndeni kaTuininga.
“U-Eric Tuininga wasebenzisa isikhundla sakhe esithenjwayo sokuba umfundisi ukuze anukubeze ngokocansi intombazane yase-Uganda ayeyigadile. Leli bekuyicala eliyinselele, kodwa abomthetho basebenze ngokuzikhandla ukuze baqinisekise ukuthi uTuininga akaphunyuki kwezomthetho ngecala lakhe phesheya kwezilwandle,” kusho uMmeli waseMelika uPeter D Leary esitatimendeni.
Isitatimende siqhube sathi: “IHhovisi loMmeli waseMelika, kanye nabalingani bethu bomthetho kuzwelonke nakwamanye amazwe, bazokwenza konke okusemandleni abo ukuthi babambe abanukubezi bezingane futhi babenze bakhokhe ngamacala abo.”
Unobhala-jikelele wekomiti lebandla lezithunywa zakwamanye amazwe uMark Bube, uthe ukungaziphathi kahle kukaTuininga kwabikwa ezinye izithunywa zevangeli e-Uganda futhi wasuswa emsebenzini wobuvangeli ngo-2019 waphoqeleka ukuthi abuyele eMelika.