Ugwetshwe eyishumi owazama ukuqola uMcDonald

Arthur Greene

Owayesebenza kwa-McDonald ugwetshwe iminyaka eyishumi ejele ngemuva kokuzithwebula ekhafulela u-ayisikhilimu we-McFlurry.

UClement Othusitse Seothaeng (27), waqopha isiqeshana sevidiyo yemizuzwana engu-20 ekhafulela i-McFlurry ngesikhathi esebenza egatsheni lesitolo sokudla e-Montana ngo-2017. Kulesi siqeshana, wayegqoke umfaniswano wakwa-McDonald kodwa ubuso bakhe bufihliwe.

USothaeng wabe esethumela isiqeshana sevidiyo kumphathi wakhe wazenza ikhasimende elithukuthele. Wayefuna ukuthi umphathi wesitolo amthumelele imali engu-R150 000 kungenjalo wayezofaka le vidiyo ezinkundleni zokuxhumana.

Kodwa-ke, esikhundleni sokukhokha imali, umphathi wabikela amaphoyisa ngokushesha.

Amaphoyisa abe esecupha kanti uSeothaeng waboshwa ngemuva kwezinsuku ezimbalwa.

NgoLwesithathu, ugwetshwe iminyaka eyishumi ebadla ejele yiNkantolo yeMantshi yase-Pretoria North ngamacala okuqola nokucekela phansi impahla ngokukhafulela i-McFlurry.

USothaeng ugwetshwe iminyaka engu-10 ngokuqola neminyaka emihlanu nokucekela phansi impahla kodwa imantshi ikhiphe umyalelo wokuthi izigwebo ziqhubeke kanye kanye.

Umthombo wesithombe: @News24

Scrolla World Cup Quiz