Dylan Bettencourt
Ukudla imali ka-NSFAS eyangena ngephutha ebhange lakhe kudonsele umfundi amanzi ngomsele.
USibongile Mani wakubona njengenhlanhla ngesikhathi ebona ukuthi u-NSFAS umfakele imali enkulu engu-R14 million ebhange lakhe wathatha isinqumo sokuyisebenzisa.
Kwamthatha izinsuku ezingu-73 kuphela ukusebenzisa imali engu-R818,000. Kodwa manje lokhu kujabula sekushabalele. Usegwetshwe iminyaka emihlanu ebhadla ejele.
Lo mfundi waseNyuvesi i-Walter Sisulu ubekwe icala lokweba elihlobene nephutha elenziwe i-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS) wabe eseboshwa ngoNhlaba ngonyaka ka-2018.
Ngemuva kweminyaka emihlanu, iMantshi eNkantolo yesifunda sase-East London uTwanette Olivier uthole uMani enecala lokweba u-R818,000.
“Isigwebo esifanele esokuthi aboshwe. Ngakho-ke ugwetshwe iminyaka emihlanu esejele,” kusho iNkantolo ngoLwesithathu.
UMani kungenzeka athole ushwele futhi kungenzeka aqedele isikhathi sakhe egadwe ngaphansi komthetho, kodwa konke lokhu kungenzeka ngemuva kokuthi achithe ingxenye yesigwebo sakhe ejele.
Imantshi ithe uMani kumele azigxeke yena ngokusebenzisa imali azi kahle ukuthi ingene ngephutha kwi-akhawunti yakhe.
“Kumele uzisole wena ngoba wathatha isinqumo ngosuku lokuqala enyangeni kaNhlangulana ngo-2017, ukuthi usebenzise imali okwakungasiyo eyakho izinsuku ezingu-73 zilandelana uyisebenzisa izikhathi eziningi zilandelana.”
“Ubujahe ukuyiqeda le mali ukuze ungashiywa isikhathi ungene enkingeni ubanjwe.
Lezo bekuyizinqumo ozithatha nsuku zonke,” kusho u-Olivier.
U-Olivier wengeze ngokuthi abafundi abangu-585 abakule Nyuvesi bebezoba sengozini yezimali ukube inkampani ebhekelela ukusatshalaliswa kwezimali zika-NSFAS ibingayikhokhanga le mali.
INkantolo inqume ukuthi uMani wayengumuntu usekhulile onomqondo ngesikhathi enza leli cala nangesikhathi echitha isicelo sakhe sokudlulisa icala lapho wayephawula ngokuthi wayengazimisele ngokuthatha imali ka-NSFAS.
UMani wasebenzisa imali ezinsukwini ezingu-73 eyitholile wasebenzisa u-R178,923 esitolo esibizwa nge-Discounts Supermarket; wasebenzisa u-R174,631 kwa-Checkers Hyper no-R68,116 kwa-Shoprite.
Ngokwesilinganiso, uMani wayesebenzisa u-R11,000 nsuku zonke uma ekwazile ukuyithola.
Kumfundi othola isibonelelo sokudla sika-R1,400 kuphela ngenyanga kwa-NSFAS, uMani wenza ubudedengu obukhulu.
Umthombo wesithombe: @News24