
Kamogelo Olaitan
Umshayeli wetekisi owayethutha abaphangi nyakenye ngesikhathi sezibhelu zangoNtulikazi KwaZulu-Natal ugwetshwe iminyaka emihlanu ebhadla ejele.
ULungelo Nthenga (24), uvume amacala amathathu okweba, ahlobene nezigameko ezenzeka endaweni yezimboni eMobeni ngoNtulikazi nyakenye ngesikhathi kunesiphithiphithi esaholela ekutheni kwebiwe impahla eKZN naseGoli.
Ngesikhathi evuma icala, umshayeli wetekisi uNthenga utshele iNkantolo yesiFunda eThekwini ukuthi wasebenzisa imoto yakhe ukuthutha abantu ababeyophanga endaweni yezimboni eMobeni eduze nomgwaqo ose-South Coast.
Okhulumela i-KZN National Prosecuting Authority uNatasha Ramkisson-Kara uthe
UNthenga waboshwa ngesikhathi imoto abeyishayela imiswa ngesikhathi kunezivimbamgwaqo ngesikhathi amaphoyisa ezama ukuvimba abaphangi.
“Imoto yakhe yayilayishe amathini kafishi, irayisi kanye nezimpahla ezazigcinwe ezindaweni eziseduze ezaziphangiwe,” kusho uRamkisson-Kara.
Uqhube wathi ngesikhathi ukuqulwa kwecala kuqhubeka, umshushisi wesifunda uKuveshni Pillay wethula izibalo ze-SA Property Owners Association ezikhombisa ukuthi isifundazwe salahlekelwa u-R50-billion ngesikhathi sezibhelu.
UPillay uphinde watshela inkantolo ukuthi lezi zibhelu kanye nokuntshontshwa kwempahla kudale ukulahleka kokutshalwa kwezimali kwamanye amazwe kanye nezokuvakasha.
Babalelwa ku-342 abantu abashona ngesikhathi sezibhelu eKZN naseGoli. Lezi zibhelu ziqale ngemuva kokuthi lowo owayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma aboshelwe ukweqa umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo wokuthi avele phambi kweKhomishini kaZondo.