Ugwetshiwe owesilisa obedlwengula abesifazane abangozime

Lubhalwe nguZavela Makwabe

UKhululekani Justin Ngqeza ugwetshwe iminyaka engu-280 ebhadla ejele ngemuva kokutholakala enecala lokudlwengula abesifazane namantombazane ayishumi.

Phakathi nokuqulwa kwecala lakhe elithathe iminyaka emithathu, iJaji belilalela ukuthi uJustin wayeheha kanjani abesifazane ngezithembiso ezingamanga zokumodela kanye nokuduma kodwa abadlwengule ngesihluku emahlathini nasema-B&B asezingeni eliphansi.

Umsolwa oneminyaka engu-36 ubudala waseBulembu Village ngaphandle kwase-Qonce, kusolakala ukuthi wenza izisulu zakhe zamkhokhela u-R100 ukuze zijoyine ama-“Raw Talent Models” omgunyathi ethembisa ukubatholela ama-portfolio kanye nezinkontileka zezimpahla zangaphansi eziholelayo.

Ukugwetshwa kwakhe eNkantolo eNkulu yaseMakanda kwenzeka cishe ngemuva kweminyaka emithathu omunye wezisulu zakhe akhuluma namaphoyisa futhi lokho kuqede ukubusa kwakhe.

UNgqeza waboshwa esendleleni eya e-Mthatha ngemuva nje kokuba isisulu sakhe sokugcina simbike emaphoyiseni, amaphoyisa avimba umgwaqo ngomhlaka-19 kuNhlaba ngo-2020.

Ngokusho kweziphathimandla, uhlelo lukaNgqeza belusebenza phakathi kuka-2018 no-2020 nalapho adlwengula khona abesifazane namantombazane ayishumi abaneminyaka ephakathi kuka-15 no-21.

NgoMsombuluko, iNkantolo eNkulu yaseMakhanda imthole enecala lokudlwengula izisulu zakhe hhayi e-Komani nase-Gqeberha e-Eastern Cape kuphela, kodwa nase-Sea Point, e-Woodstock e-Western Cape, izisulu zakhe eziyisithupha zivele zavula amacala ngemuva kokuboshwa kwakhe.

IJaji leNkantolo eNkulu uJohn Smith umgwebe ngakusasa odilikajele abathathu neminyaka engu-280 ebhadla ejele ngamacala okushushumbisa abantu nokudlwengula.

UKhomishana wamaPhoyisa e-Eastern Cape, uLieutenant General Nomthetheleli Mene ubize uNgqeza ngendoda enonya futhi usamukele isigwebo. Ushayele ihlombe “ikhono elihle kakhulu lokuphenya lweNhloko Yesifundazwe Yokuvikeleka Kwezingane Nodlame Lomndeni kanye Namacala Ocansi (Serial and Electronic Crime Investigation) ngokuqinisekisa ukuthi umdlwenguli ongazisoli futhi ongenamahloni ubhadla ejele impilo yakhe yonke”.

Osesithombeni esingenhla: UKhululekani Justin Ngqeza

Umthombo wesithombe: I-SAPS

Izihloko zakamuva