UGwede Mantashe uvakashele ubukhosi bama-Vhavenda

Elmon Tshikhudo

Ngonyaka odlule, iNkantolo yoMthethosisekelo yamisa izinhlelo zobukhosi bama-Vhavenda, yaphuca ibamba leNkosi uToni Mphephu amandla ayo.

Umsuka walokhu udalwe umbango ophakathi kweNkosazana uMasindi Mphephu noToni Mphephu bebanga ukuthi ngubani okufanele athathe isihlalo sobukhosi bama-Vhavenda.

Inkantolo yabuyisela udaba emndenini ngoba ibona kufanele ukuthi uzikhethele wona indlalifa ezophatha.

Sekuphele izinyanga inkantolo yakhipha isinqumo kodwa umndeni awukathathi ngisho nesisodwa isinqumo.

NgoLwesithathu abaholi be-ANC abase-Limpopo abebehambele umcimbi weminyaka engu-110 kwasungulwa leli qembu, babuze ukuthi isenzo sabaphathi asikhombisi yini ukubukela phansi inkantolo ngokugunyaza ukuthi uToni useyiNkosi yama-Vhavenda.

Ukuvakasha kwalowo oyilungu le-NEC uGwede Mantashe kukhombisa ukuhlonipha umndeni njengengxenye yokuvakashela abaholi bendabuko e-Limpopo kanye nokuthuthukisa isitatimende sabo sangomhlaka-8 kuMasingana.

Ubukhosi bama-Tshivhase obuholwa nguMailausumbwa Kennedy Tshivhase babhalele i-ANC ngokusemthethweni bekhala ngalokhu kuvakasha bathi bakubona njengokuthi i-ANC igunyaza uToni njengeNkosi yama-Vhavenda.

“Lokhu kuzodala uqhekeko futhi kukhombisa ukuchema okungamele ngabe i-ANC ibonakala ikwenza.”

UMantashe ukuchithile ukugxekwa. “Silapha nje sivakashele abaholi bendabuko nemindeni yamakhosi njengoba senza ezifundazweni zonke, asivakashele uToni Mphephu kodwa size emndenini,” kuchaza uMantashe.

Izihloko zakamuva