Ugwazwe washona umfundi esigamekweni sokugebenga saseGqeberha

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Kushone umfundi oneminyaka engu-23 ubudala waseNelson Mandela University ngemuva kokugwazwa esigamekweni sokugetshengwa endaweni yabafundi eSummerstrand.

Omunye wesifazane oneminyaka engu-20 ulimale kanzima kanti amaphoyisa athungatha umsolwa okukholakala ukuthi uneminyaka engu-25.

Kubulawe umfundi oneminyaka engu-23 waseNyuvesi yaseNelson Mandela ngesikhathi kugetshengwa indawo okuhlala kuyo abafundi eSummerstrand, eGqeberha, ngoMsombuluko ebusuku.

Amaphoyisa athi owesilisa ungene endaweni engaphandle okuhlala kuyo abafundi eku-Admiralty Way ephethe ummese wahlasela abafundi besifazane ababili ngaphambi kokubaleka nomakhalekhukhwini amabili ne-laptop.

Omunye wabafundi ushonele endaweni yesigameko. Lona omunye, oneminyaka engu-20 ubudala, uphuthunyiswe esibhedlela futhi uyalashwa.

Amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha umsolwa, okukholakala ukuthi uneminyaka elinganiselwa ku-25 ubudala.

UCaptain Andre Beetge wamaphoyisa aseGqeberha uthe umsolwa kusolakala ukuthi ubhekane nesisulu (23),waqala ukusigwaza ngesikhathi simemeza. Omunye umfundi naye ugwazwe ngaphambi kokuba lo mlisa abaleke.

I-Nelson Mandela University isiqinisekisile lesi sigameko esitatimendeni ngoLwesibili, yathi abafundi ababili bahlaselwe ngesikhathi kugqekezwa.

Omunye wabafundi bethu udlule emhlabeni kabuhlungu, omunye walimala kodwa uthola usizo lwezempilo,” kusho isitatimende.

Inyuvesi idlulise amazwi enduduzo emndenini nakubangani besisulu futhi yathi ukwelulekwa kwengqondo kuyatholakala kunoma ngubani othintekile ngophiko lwe-Emthonjeni Student Wellness.

Yengeze ngokuthi inyuvesi isebenzisana namaphoyisa nezinye iziphathimandla futhi iyaqhubeka nokweseka labo abathintekile kulesi sikhathi esinzima.

Onolwazi uyanxuswa ukuthi athinte uDetective Sergeant Rudwaan Baatjies ku-073 130 3018 noma ashayele ku-08600 10111.

Esithombeni esingenhla: Imoto yamaphoyisa ingaphandle kwendawo ehlala abafundi eGqeberha.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva