Ugwazwe wabulawa ngokusho ihlaya elingasile

Doreen Mokgolo

Ngenkathi emenyelwa emcimbini wangasese ngesithembiso sobumnandi notshwala bamahhala, uSibonelo Buthelezi wakwamukela ngenjabulo engazi ukuthi kuzoba ubusuku bakhe bokugcina ephila.

Le nsizwa ehlala emijondolo yase-Ekuthuleni e-Ekurhuleni kuthiwa itshele omunye wabangani bayo ukuthi ‘u-poep dronk’ phecelezi eqonde ukuthi udakiwe.

Ihlaya elingasile licasule umngani osolwa ngokugwaza uSibonelo oneminyaka engama-24 entanyeni nasesiswini ngaphambi kokumlahla endaweni endala yezimayini ngemuva kwendlu obekunomcimbi kuyo.

Uyise obekhathazekile, uSikhumbuzo Mbenze uthe indodana yakhe ibulawe yalahlwa njengesilwane esidukile.

“Isithombe somzimba wendodana yami engaphili sizongihlupha impilo yami yonke. Kuzwakale sengathi kuyiphupho elibi ngesikhathi ngibizelwa ukuzokhomba isidumbu sakhe.”

“Ubenamaphupho amakhulu okwenza ngcono impilo yakhe neyezingane zakwabo kodwa kukhona onqume ukuyinqamula,” esho.

Kusolakala ukuthi ngemuva kokugwazwa umufi uphume egijima endlini kodwa wawa washona esahambe amagxathu ambalwa emnyango.

Ufakazi ozibonele obesendlini utshele amaphoyisa ukuthi ngesikhathi abebesemcimbini bebona ukuthi usefile, bahudule isidumbu sakhe basikhipha egcekeni basilahla.

Bonke bafunge bagomela ukuthi ngeke basho lutho ngalokhu kubulawa.

USkhumbozo wengeze ngokuthi iqembu belihlanza igazi lakhe kodwa umakhelwane ubone konke futhi wababuza ngesikhathi ebabona behlanza igazi.

“Omunye wabantu obengaphakathi endlini akakwazanga ukumelana nengcindezi. Uvumile emaphoyiseni wawaholela lapho ezinye izingubo ezazisetshenziselwa ukuhlanza igazi lakhe ziphonswe khona,” engeza.

Okhulumela amaphoyisa aKwaThema uConstable Nkululeko Magudulelo ukuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokubulala kanti umsolwa ubalekile.

“Sinxusa noma ngubani onolwazi ngokuthi umsolwa ukuphi ukuba eze ngaphambili,” esho.

Izihloko zakamuva