Ugwazwe wabulawa intombi ebimhlukumeza

Buziwe Nocuze

U-Abongile Majavu ubesebudlelwaneni obuhlukumezayo iminyaka emibili – kanti ngoMgqibelo ebusuku kusolwa ukuthi lobu budlelwano bumthathele impilo yakhe.

U-Abongile (28), wase-Philippi Browns Farm eKapa kusolakala ukuthi ugwazwe wabulawa isithandwa sakhe esidala kunaye ngeminyaka owesifazane (36).

Umamncane wakhe uNomfusi Majavu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uthole ucingo lumtshela ukuthi u-Abongile ubulewe wabe esephuthuma endaweni yesigameko.

“Ngibone umshana wami ephansi ngathandaza kuNkulunkulu ukuthi asindise impilo yakhe, kodwa besekwephuzile kanti ummese ubusesifubeni sakhe,” kusho uMajavu.

Umndeni uthe kade umeluleka ngokuthi ahlukane nentombi ebimhlukumeza kodwa ubenqaba. Uthe ubemthanda kangangokuthi ubengeke akwazi ukuphila ngaphandle kwakhe.

Omunye wabangani baka-Abongile uthe igebe leminyaka bekuyinkinga enkulu.

“Lona wesifazane ubehlezi etshela u-Abongile ukuthi nguyena omncane ebudlelwaneni,” esho.

“Ubehlezi emthethisa ngisho naphambi kwabangani bakhe kanti bekungekhona okokuqala emgwaza.”

Kuthiwa lona wesifazane uye wamgwaza okhalweni ekuqaleni konyaka.

Ukube kuya ngomndeni kaMajavu ngabe wenza isiqiniseko sokuthi lona wesifazane ukhokhela umngcwabo.

“Manje sekuyisikhathi sokuthi adlale indima yokuba umuntu omdala ebudlelwaneni amngcwabe njengoba kunguye othathe impilo yakhe,” kusho ilungu lomphakathi eleseka umndeni.

“Kumele seseke umndeni njengoba senza uma kungowesifazane obulawe indoda. Kuwukuhlukunyezwa ngokobulili futhi akusho lutho ukuthi yibuphi ubulili obenza lobu bugebengu,” kusho ilungu lomphakathi.

Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS e-Western Cape uSayitsheni Wesley Twigg, uthe baphenya icala lokubulala ngemuva kokuthi kugwazwe kubulawe owesilisa.

“Owesifazane uboshiwe kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Athlone uma esethweswe icala. Isizathu sokubulala kungenzeka kube yingxabano,” kusho uTwigg.

Izihloko zakamuva