Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli Wezepolitiki
OwayeyiMeya yaseGoli uKabelo Gwamanda othweswe icala lokukhwabanisa umisiwe emsebenzini futhi uzokhokhelwa umholo wakhe ogcwele.
UGwamanda ulahlekelwe isikhundla sakhe sokuba yiLungu leKomiti leMeya kanti usenikwe ikhefu eliyisipesheli.
Kodwa imeya entsha uDada Morero akazange amxoshe uGwamanda ngokugcwele ekomitini lakhe.
Isinqumo sokumnika ikhefu eliyisipesheli manje sisho ukuthi uGwamanda usezokwazi ukugcina iholo lakhe lokuba ilungu lekomiti lemeya nakuba kuzoqokwa elinye ilungu lekomiti lemeya elizokwenza umsebenzi wakhe.
UGwamanda, oyikhansela le-Al Jama-ah, ungaphandle ngebheyili ngemuva kokuthweswa icala lokuqola izakhamizi zase-Soweto ngomkhonyovu womshwalense womngcwabo okuthiwa wawenza ngo-2011.
I-ANC ikumfelandawonye ne-Al Jama-ah nokuyinto eyenza ukuthi uGwamanda akwazi ukuba yimeya yaseGoli nakuba iqembu lakhe lithole amavoti angaphansi kuka-2% eGoli.
Ngemuva kwezinyanga zokungalethwa kahle kwezidingo ezingxenyeni eziningi zaseGoli, i-ActionSA yenza isiphakamiso sokuthi asuswe uGwamanda esikhundleni sobumeya futhi kuhlakazwe nekomiti lemeya.
I-ANC ibe isikhipha uGwamanda yahlela kabusha izihlalo kodwa yagcina inabantu abafanayo ekomitini lemeya kwathi uMorero owayeyilungu lekomiti lemeya elibhekelela ezezimali waba imeya yesigungu.
NgoLwesibili uMorero uhlangane noGwamanda obeyilungu lekomiti lemeya elibhekelela ezokuThuthukiswa koMphakathi base benquma ukunika uGwamanda ikhefu eliyisipesheli.
“Ngendlela lezi zinsolo ezibucayi ngayo kumele kube khona okwenziwayo ngokushesha ukuze kuvikelwe isithunzi sehhovisi lemeya yesigungu esiphezulu,” kusho uMorero.
Ukuzimisela kukaMorero ukuxosha uGwamanda kuhluke kakhulu kunokukaNobhala-Jikelele we-ANC, uFikile Mbalula, othe i-ANC izoyekeleka i-Al Jama-ah ukuze ithathe isinqumo ngoGwamanda.
