Lungani Zungu
Beseka ukwenyuka kukaZandile Gumede esikhundleni sobumeya obunamandla baseThekwini ngowezi-2016, kodwa manje labo ababengabalandeli bakhe sebemlahlile ngaphambi kwengqungquthela ebibhekwe ngabomvu yesifunda se-ANC eThekwini kule nyanga.
UThanduxolo Sabela ongumlingani kaGumede osephenduke isitha usemphike esidlangalaleni uGumede waphinde wasekela imbangi yakhe uThabani Nyawose, ongumsekeli oqinile kaMengameli uCyril Ramaphosa.
USabela uyilungu lesigungu esiphezulu kumasipala weTheku futhi uphethe isikhundla esinamandla sokuba ngunobhala wesifunda se-ANC e-KZN. Lesi sikhungo, esinamagatsha ayi-110, yisona esikhulu kunazo zonke e-KZN.
URamaphosa wamsiza ekunqobeni lowo owayenguSihlalo wesifunda seTheku neMeya uJames Nxumalo ngowezi-2015.
USabela utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uNyawose ungumuntu ozongenela ukhetho ku-ANC eThekwini.
Uma uNyawose ekhethwa njengosihlalo kuzoba wusizo olukhulu kuRamaphosa engqungqutheleni yokukhethwa ubuholi bama-55 ye-ANC ngonyaka ozayo.
UGumede, oseyiseka kakhulu i-ANC, uthe ngeke aphawule ngesitatimende esenziwe yilungu le-ANC.
“Akukho engingakusho ngemibono yakhe yezepolitiki. Unelungelo lombono wakhe,” kusho uGumede.
UNyawose akatholakalanga, ucingo lwakhe belungena kwi-voicemail.
UGumede ufakwe emacaleni futhi usolwa ngokukhwabanisa imalieyizigidi ezingama-R430 yamathenda eyakhishwa ngesikhathi esaphethe njengemeya yeTheku. Kodwa wenqabile ukwehla esikhundleni.
Ubuye futhi wasekela obala uNobhala-Jikelele we-ANC omisiwe u-Ace Magashule, naye obhekene namacala avela kwithenda yemali eyizigidi ezingama-R255 eyakhishwa ngesikhathi esasenguNdunankulu wase-Free State.
UGumede noMagashule babephakathi kosopolitiki abaqavile be-ANC ababeseka owayenguMengameli wezwe uMnuz uJacob Zuma ngesikhathi evela eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngamacala enkohlakalo.
UNobhala we-ANC e-KZN uMdumiseni Ntuli umemezele ukuthi zonke izingqungquthela zesifundazwe sase-KZN zizobakhona ngaphambi kokuphela kukaNhlangulana. Lokhu kungenxa yokuthi iqembu elibusayo liphothule uhlu lwabazongenela ukhetho ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya ngomhla zingama-27 kuMfumfu.
Umthombo wesithombe: @ZandileGumedeRT