Lungani Zungu
Kubukeka sengathi umoya wokuhlubuka kukanobhala-jikelele we-ANC osamisiwe u-Ace Magashule usudlulele kubantu abebemeseka.
“Ngeke ngihoxe eceleni njengelungu lesiShayamthetho. Ngimsulwa kuze kube ngitholwa ngingenacala,” kusho lowo owayeyiMeya yeTheku uZandile Gumede, oseyilungu lesiShayamthetho sesifundazwe saseKZN.
“Akekho umuntu ozongisusa ngenxa yamacala angasho lutho,” kusho yena.
Leli yisu elifanayo u-Ace Magashule alisebenzisayo ukubuyela emsebenzini wakhe ngokugcwele eLuthuli House.
UGumede ubengomunye wabaholi be-ANC obekulindeleke ukuthi bahoxiswe eceleni ngokuhambisana nenqubomgomo ye-ANC yokubeka eceleni izikhulu zeqembu ezikhohlakele.
Ubhekene namacala enkohlakalo nokukhwabanisa kwethenda engaphezu kwezigidi ezingama-R430 yaseThekwini Waste Solid eyakhishwa ngesikhathi eyiMeya yeTheku.
UGumede kulindeleke ukuthi angenele isikhundla sokuba nguSihlalo wesifunda saseThekwini uma i-ANC isibambe ingqungquthela yayo yesifunda ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya mhla zingama-27 kuMfumfu.
Udaba lukaMagashule luzolalelwa eNkantolo eNkulu yase-South Gauteng mhla zi-1 kuNhlangulana.
Uzomelwa ngu-Advocate uDali Mpofu.
Omunye umsekeli oqotho kaMagashule, owayenguNdunankulu wase-North West, uSupra Mahumapelo, ulwela ukuthi kuguqulwe ukumiswa kwakhe eqenjini iminyaka emihlanu.
“Ngiyilungu le-ANC elisesimeni esihle. Ngeke ngivumele iqembu lingixoshe. I-ANC yikhaya lami,” kusho yena.
Ilungu lePhalamende le-ANC futhi elingusihlalo wekomidi elibhekele ezokuvakasha litshele i-Scrolla.Africa ukuthi uSupra uzolwela ukuthi ukumiswa kwakhe kubekwe eceleni.
USupra wamiswa ngemuva kokubamba umhlangano ngesikhathi sokhetho lokuchibiyela e-North West ngonyaka odlule.
e-Belhar ngaphandle kwaseKapa.