Dylan Bettencourt
UYannick Agnel owathola indondo yegolide kuma-Olimpiki izikhathi ezimbili uvumile ukuthi wazibandakanya ngokocansi nentombazanyana eneminyaka engu-13 yena eneminyaka engu-24.
Lo msubathi wase-France uboshwe ngoLwesine ngomhlaka-9 kuZibandlela ngezinsolo zokudlwengula nokunukubeza ngokocansi, ngokusho kwe-AFP.
Lo mbhukudi, owawina izindondo ezimbili zegolide kuma-Olimpiki e-London ngonyaka ka-2012, waziswe ngamacala akhe okuqala ngoMgqibelo.
U-Agnel usolwa ngokudlwengula kanye nezenzo zokuphoqa ngonyaka ka-2016. Isisulu kubikwa ukuthi siyindodakazi yomunye wabaqeqeshi bangaphambilini baka-Agnel. Izinsolo zokuhlukumeza ngokocansi kuthiwa zenzeke emazweni amaningi okubalwa i-Spain, i-Thailand kanye ne-Brazil.
Yize lo msubathi oneminyaka engu-29 ubudala odlala ama-olimpiki ephika zonke izinsolo zokuphoqa, uvumile ukuthi wazibandakanya ngokocansi nale ntombazanyana.
E-France umuntu oneminyaka engu-15 usengazibandakanya ngokocansi, okusho ukuthi noma yimuphi umuntu omdala oya ocansini nomuntu ongaphansi kweminyaka engu-15 uzobekwa icala lokudlwengula, okuyicala eliholela ukuthi udonse isigwebo seminyaka engu-20 ejele.
UNgqongqoshe wezemidlalo wase-France uRoxana Maracineanu uthe leli cala libaluleke kakhulu kuye.
“Ngiyamazi umuntu ovule leli cala, ngakho-ke awucabange ukuthi lokhu kungiphatha kanjani. Lena inqubo okumele ihanjiswe ngendlela,” kusho uMaracineanu etshela i-Inside the Games.
Abasubathi abaningana, asebethathe umhlalaphansi futhi abakhuthele, sebake babuzwa njengengxenye yophenyo.
U-Agnel wathola indondo yegolide ku-200m freestyle kanye naku-4x100m freestyle relay e-London cishe eminyakeni eyishumi edlule, waphinde wawina amagolide amabili emqhudelwaneni womhlaba we-Barcelona ngonyaka ka-2013.
Umthombo wesithombe: @Insider