Ugubuzelwe ifu elimnyama umndeni wakwaMthembu ngemuva kokuba indodana yabo izibulale

Lungani Zungu

Ikusasa eliqhakazile ebholeni lo mdlali osafufusa weqembu le-Orlando Pirate FC uLuyanda Mthembi liphele ngokungazelele ngesikhathi ezinquma umphimbo ngemuva kokudla isidakamizwa esibizwa nge-paradise.”

Isigameko senzeke ngoLwesihlanu ebusuku ekhaya lomdlali obeneminyaka eyi-17 eMlazi kwa-G. Lokhu kushiye umphakathi uthukuthele ugane unwabu usola laba bantu abadayisa izidakamizwa endaweni.

Umalume kaMthembu, uMusa uthe umshana wakhe ubesegumbini lakhe ngesikhathi ezibulala.

ULuyanda ubejabule ngendlela ejwayelekile ngesikhathi ebuya edolobheni, kusho umalume wakhe.

Ngokushona kwelanga, uMusa uthe bathukile ngesikhathi uLuyanda ekhombisa ukwenza izinto ezingajwayelekile, ngesikhathi ethi amaphoyisa ayamjaha.

“Uqale wakhomba udonga, esitshela ukuthi amaphoyisa ayamjaha kodwa abengekho amaphoyisa endlini.”

Umndeni usole ukuthi ubedle isidakamizwa esibizwa nge-paradise – okubikwe ukuthi sesidume kakhulu endaweni.

Izinsolo zabo ziqinisekisiwe ngesikhathi bethola amaphilisi amathathu e-paradise embhedeni wakhe.

“Sivele samgada saphinde samvimba ukuba angaphumeli ngaphandle. Ngemuva kwemizuzu ubesewehlisile umoya, samvumela ukuthi ashawe umoya ngaphandle,” kusho uMusa.

ULuyanda ube esephindela egumbini lakhe, wakhiya umnyango kanti kusolakala ukuthi uzinqume umphimbo, wase washonela khona lapho.

“Simuzwe ememezisa okwembuzi. Ngesikhathi siphula umyango wakhe, simthole elele phansi kugcwele igazi, ephethe ummese ngesandla sakhe,” kusho uMusa.

Lesi sidakamizwa esidumile entsheni yaselokishini, senza abantu abasidlayo kube ngathi bayahlanya, ngokusho komholi womphakathi uLindani Zulu.

“Abanye bathi babona izinyoka sibabone sebebaleka, kodwa kungekho lutho olubajahayo,” kusho uZulu..

Uthe amaphoyisa kumele acindezele aphinde abophe abadayisa izidakamizwa entsheni esencane.

Umqeqeshi kaLuyanda, uJunior Bhengu, umchaze njengomuntu obedlala ibhola ngobuchule.

“Ngicabanga ukuthi njengomphakathi asenzi ngokusemandleni ukuzama ukunqanda intsha ingangeni ezintweni ezingalungile njengezidakamizwa.

“Inhliziyo yami ibuhlungu kakhulu ngokushona kukaLuyanda,” kusho uBhengu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natali uColonel Thembeka Mbele uqinisekisele ngesigameko.

“Amaphoyisa avule idokhethi lokuphenya ngemuva kokuba umfanyana osemncane ezibulele,” kuqinisekisa uMbhele.

Izihloko zakamuva