UGrootman uyakuphika ukufaka ividiyo yocansi ezinkundleni zokuxhumana

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Usaziwayo ezinkundleni zokuxhumana uGrootman – ogama lakhe langempela uThemba Selahle uthi uGcinile Twala, owayeyintombi yakhe futhi ongusaziwayo uputshuze ividiyo yabo beya ocansini ukuze abantu bamuzwele.

Ividiyo yocansi isabalele ezinkundleni zokuxhumana ngoMsombuluko ekuseni.

Ukuphawula kwabantu ezinkundleni zokuxhumana kukhombisa umphakathi ukuthi unomuzwa wokuthi uGrootman uputshuze ividiyo ngenxa yokuziphindiselela futhi bathi akaboshwe.

UGrootman ukuphikile ukuthi uphutshuze ividiyo wasola uGcinile ngokufuna ukuthi abantu bamuzwele.

“Kuthathe isikhathi ukuthi athi ubehlukunyezwa ngoba wonke umuntu ubelindele lokho ngemuva kokuhlukana kwabo,” usho kanje, “Ubefuna ukubukisa ngokudlulela phambili nokukhetha umaqondana ongcono, kodwa akusasebenzi ngoba usephinde wahlangana nomuntu owenza into efanayo.”

UGrootman uphinde wagxeka abalandeli abacheme noGcinile ngaphandle kokubheka yomibili imibono.

“Usebenzisa iqhinga elidala kunawo wonke ukuze abantu bamuzwele. Uyazi ukuthi abantu bazosho kalula nje ukuthi bayakhohwa ngaphandle kokwazi izinhlangothi zombili zendaba.

“Lokho ngeke kusebenze lapha sithandwa. Ungakutshela lokho kubalandeli bakho abangazi lutho. Indlela ophila ngayo isikuficile ngenxa yobuwula bakho.”

Abasesithombeni esingenhla: UGrootman noGcinile Twala.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva