UGrootman usesabise ngokuputshuza ingxenye yesibili yevidiyo yocansi

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Usaziwayo uGrootman, ogamalakhe langempela uThemba Selahle useveze ukuthi maduzane nje angase akhiphe amanye amavidiyo emgodleni wakhe wamavidiyo ocansi noGcinile Twala, owayeyintombi yakhe.

Ubhale lo myalezo ngemuva kokusabalala kwevidiyo yocansi ngoMsombuluko.

Abaningi ezinkundleni zokuxhumana bacabange ukuthi nguyena uGrootman oputshuze ividiyo nokuthe ngokuhamba kwesikhathi wakuphika lokho wathi iphutha lakhe uGcinile.

Phezu kwalokhu, uGrootman uthe uzimisele ngokuthathela uGcinile izinyathelo zomthetho, emsola ngokuputshuza ividiyo ukuze abantu bamuzwele.

“Kuthathe isikhathi ukuthi athi uhlukunyeziwe ngoba wonke umuntu ubelindele lokho ngemuva kokuhlukana kwabo,” esho ngoMsombuluko.

“Ubefuna ukubukisa ngokuqhubekela phambili nokukhetha umlingani ongcono, kodwa akusebenzanga ngoba uthole umuntu ofanayo.”

Isithombe esingenhla: UGrootman noGcinile.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva