UGrace Mugabe ubhekene nenhlawulo ngokungcwaba uBob endaweni engafanele

Dalphine Tagwireyi

UGrace Mugabe ongumfelokazi wendoda eyabusa i-Zimbabwe cishe iminyaka engamashumi amane, usobishini ngokungcwaba uRobert Mugabe ngendlela engafanele.

Kubikwa ukuthi ubhekene nenhlawulo yembuzi nezinkomo ezinhlanu.

Umfelokazi kaMugabe ubizelwe ukuba avele phambi kweNkosi uZvimba – ezomkhokhisa inhlawulo – ngemuva kokubekwa icala lokungcwaba uRobert Mugabe emzini wakhe ose-Kutama Village.

Ngokwesiko, umholi kufanele abekwe endaweni yakhe yokugcina e-Heroes Acre e-Harare, okuyindawo yokungcwaba abaholi abadumile nendawo yesikhumbuzo sikazwelonke.

Uma uGrace oneminyaka engama-55, okwamanje ongaziwa ukuthi ukuphi, ehluleka ukuvela enkantolo, isidumbu salowo owayengumengameli singase sigujwe bese singcwatshwa kabusha.

Isikhalazo ngalokhu akwenzile sibekwe nguTinos Manongovere indoda yase-Kutama, othe indawo yokuphumula kaMugabe njengamanje ayifanele.

Ukulandela izifiso zikaMugabe, wangcwatshwa ebhokisini lensimbi futhi ithuna lakhe ligcwale ukhonkolo ukugwema ukutshontshwa kwezicubu zakhe zisetshenziselwa ukwenza imikhuba. Lesi ngesinye sezizathu zokuthi ukungcwatshwa e-Heroes Acre kwenqatshwe kwavunyelwa indawo yokungcwaba esemzini wakhe ose-Zvimba.

Umshana wakhe uLeo Mugabe, uthe akukho okungajwayelekile mayelana nethuna likamalume wakhe.

“Izifiso zikamalume zenziwe ngokomyalelo wakhe futhi akukho okushaya amanzi ngethuna lakhe. Sifeze zonke izifiso zakhe zokugcina,” kusho uLeo Mugabe.

Umthombo wesithombe: @NehandaRadi

Izihloko zakamuva