Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
UMengameli uCyril Ramaphosa umemezele umngcwabo okhethekile wombuso wowayenguNgqongqoshe uPravin Gordhan, oshone ngoLwesihlanu, ngomhlaka-13 kuMandulo, eneminyaka engu-75 ubudala ngemuva kokugula isikhathi eside.
Umngcwabo uzoba ngoLwesine kanti uzohlanganisa nomcimbi oholwa ngamaphoyisa e-SAPS, ozolandelwa ukushiswa kwesidumbu ngasese.
IHhovisi likaMengameli likhiphe lezi zindaba ngoMsombuluko.
Umndeni kaGordhan ucele ukuthi, esikhundleni sokuthumela izimbali abantu banikele ezinhlanganweni ezisiza umphakathi noma i-Ahmed Kathrada Foundation.
UGordhan ubambe izindima eziningi ezibalulekile kuhulumeni, wasebenza njengoNgqongqoshe wezeziMali kusukela ngo-2009 kuya ku-2014 waphinda futhi kusukela ngo-2015 kuya ku-2017.
Uphinde wasebenza njengoNgqongqoshe wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu (2014–2015) kanye noNgqongqoshe wezamabhizinisi kahulumeni kusukela ngi-2018 kwaze kwaba yilapho ethatha umhlalaphansi ngoNdasa ka-2024.
Waqokwa njengokhomishana weSouth African Revenue Service ngo-1999 ngemuva kokuba iphini likakhomishana.
Kuleyo ndima, uguqule isikhungo saba uphiko lukahulumeni olusebenzayo futhi lwahlonishwa kakhulu, okwenze okhulumela u-SARS wakubiza ngensika yamandla ezwe.”
Osesithombeni esingenhla: uPravin Gordhan.
Umthombo: Sithunyelwe