Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
UMadge Lesego Seleke, oneminyaka engu-62 ubudala ohola impesheni waseKhayelitsha eKapa, waqala ukuphekela izingane ngo-2020 ngesikhathi sobhubhane lweCovid-19.
“Ngenxa yokuthi kwakumele ngiyeke ukusebenza, isikhathi esiningi ngangiba sekhaya. Ngibone izingane zingenalutho, nabazali bazo bedonsa kanzima,” kusho uSeleke.
“Ngokushesha nabantu abadala babefika bezocela ukudla. Angikwazanga ukubaxosha ngoba ngabona ukuthi badinga ukudla nabo. Ngaqala nginezingane ezingu-30 manje nginikeza abantu abangaphezu kuka-80 ukudla.
“Ngingumsiki wengqephu, imali engiyiholayo isiza ukuthengela umphakathi wangakithi ukudla. Nakuba ngingacebile, angikwazanga ukuvele ngihlale ngibayeke babulawe indlala.”
USeleke waqamba iphrojekthi yakhe ngokuthi iPhucula Abantwana futhi ekuqaleni wayehlele ukusiza izingane kuphela. Esebenzisa eyakhe imali ukuthenga igilosa kuze apheka kanye ngesonto, ngoLwesibili.
“Ngifisa ukupheka kaningi, kodwa anginayo imali eyanele njengamanje,” kusho yena.
Uthe usefake isicelo soxhaso ukuze akwazi ukondla abantu.
“Ngiyethemba ukuthi izinto zizongihambela kahle. Ngiphakela ukudla ngo-3 ntambama ukuze kuthole nezingane zesikole okungenzeka zingabi nakho ukudla emakhaya,” kusho yena.
U-Ezile Gebe oyisakhamuzi saseKhayelitsha ubonga uSeleke.
“Abazali abaningi baphelelwa yimisebenzi ngesikhathi seCovid-19 futhi bathwele kanzima ukuze babuyele ezimweni zabo. Bathembele komakhelwane ukuze bathole ukudla,” kusho uGebe.
Esithombeni esingenhla: UMadge Lesego Seleke, ohola impesheni waqala ukuphekela umphakathi ngemuva kokubona ukuthi abaningi babengenakho ukudla.
Umthombo: Sithunyelwe