Ugogo ushone ngemuva kwesonto edlwenguliwe

Lungi Langa

Isalukazi (84) esisanda kunconywa ngokuphunyuka ezandleni zomdlwenguli (21) sishone ngenxa yesifo senhliziyo.

NgeSonto ekuseni ugogo uZanele MaHadebe Mbele ushonele esibhedlela i-St Apollinaris e-Centocow, e-Creighton.

Lokhu kungemuva kokungeniswa esibhedlela isikhathi esingangesonto ngemuva kosizi olunyantisayo lokudlwengulwa.

Indodakazi yakhe, uNonhlanhla Mbele wasesigodini sase-Esibizane KwaZulu-Natal ithe unina ubengumuntu ojabule nophile kahle obethanda ukwenza amahlaya ngaphambi kokuhlaselwa kwakhe ekuqaleni kwale nyanga.

“Selokhu kwenzeke lokhu ubephatheke kabi futhi ubehlezi ekhuluma ngalesi sigameko. Njalo uma ngiyombona esibhedlela, ubethi uyajabula ukungibona ngiphila nokuthi ubecabanga ukuthi kungenzeka ukuthi umdlwenguli ungibulele.

“Bekumele ngithole indlela yokushintsha indaba ukuze sikhulume ngokunye,” kusho uMbele.

Uthe okubuhlungu ukuthi unina ugcine eshone ngenxa yezinhlungu ngemuva kokusinda ekudlwengulweni.

“Besicabanga ukuthi uzoluluma ngoba ubekubheke ngabomvu ukubuyela ekhaya. Ngesikhathi ngigcina ukuyombona esibhedlela uye wangibuza ukuthi ngiyeza yini ukuzomlanda ngimhambise ekhaya,” esho.

UMbele ukholelwa ukuthi kungenzeka umama wakhe ubenesizungu ngemuva kokuthi isiguli abelaliswe naso egumbini elilodwa siphume esibhedlela.

UMbele uthe unina ubebonakala ejabule kakhulu ngesikhathi esesibhedlela, kodwa “ngeshwa ubechitha isikhathi esiningi eyedwa bese ecabanga kakhulu uma eyedwa. Kungenzeka ukuthi yilokhu okuholele ekutheni aphathwe isifo senhliziyo.”

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNkk Nonhlanhla Khoza uthumele amazwi enduduzo emndenini.

UKhoza uchaze ukwedlula emhlabeni kukaMbele njengento ebuhlungu njengoba engazange alulame ngemuva kokuhlukunyezwa ngokocansi.

“Sifuna ukunikeza umndeni wakwaMbele isiqiniseko sokuthi ithimba lethu losonhlalakahle lizobaluleka,” kusho uNgqongqoshe uKhoza.

Uthe kuyamjabulisa ukuthi ummangalelwa usagcinwe esitokisini samaphoyisa.

Izihloko zakamuva